UTETE Dijana osejoyine iHollywood Athletics Club ngemuva kokushiya iNedbank Running Club asenqobe nayo izicoco zeComrades Marathon neTwo Oceans Marathon
Image: Isithombe
I-HOLLYWOOD Athletics Club isiphinde yavula unyaka ngokubamba abanye “ofishi” abakhulu ngokusayinisa izihlabani ezimbili zabagijimi, uTete Dijana no-Edward Mothibi, abazokwethulwa ngokusemthethweni namuhla ngoLwesine ntambama eRichefond Circle, eMhlanga, eThekwini.
UDijana noMothibi bobabili abasuka kwiNedbank Running Club, nabangompetha beComrades Marathon, bajoyina enye insephe engumpetha weComrades, uGerda Steyn, naye ojoyine iHollywood Club ngouJanuwari nyakenye esuka kwiPhantane Athletics Club.
Ukushiya kukaDijana noMothibi, kuqinisekiswe yimenenja yeNedbank Club, uNick Bester, esitatimendeni eveza ukuthi izinkontileka zalaba bagijimi azivuselelwanga.
“Sifisa ukukuveza ukuthi abagijimi ababili abahlonishwayo emijahweni yamabanga amade eNingizimu Afrika, uTete Dijana no-Edward Mothibi abaseyona ingxenye yeNedbank Running Club.
Phezu kokuba izinkontileka zabo zingavuselelwanga ngenxa yezimfuno zabo ebezingaphezulu kwalokho ikilabhu ebingakhoni ukubanika khona kodwa siyawahlonipha kakhulu amagalelo abo nabakwenzele le kilabhu ngesikhathi beseyingxenye yayo.
Sibafisela okuhle kodwa njengoba beqhubeka nohambo lwabo kwezokugijima,” kusho uBester esitatimendeni.
UDijana osenqobe iComrades amahlandla amathathu noMothibi osayinqobe kanye ngo-2019, bajoyina enye insephe uStephen Mokoka ejoyine iHollywood Club ngoFebhuwari ka-2024 isuka kwiBoxer Athletics Club.
UMokoka usenqoba iCape Town Marathon amahlandla amathathu, okumenza kube nguyena kuphela umgijimi osewine lo mjaho kathathu emlandweni wawo.
Ukusayinisa kweHollywood lezi zinkalimeva zabagijimi kuyinkomba yokungasinisi mahleza ngezinhloso zayo zokuba nabagijimi abazonqoba imijaho emikhulu.
UDijana odle umhlanganiso kwiComrades nyakenye, kulindeleke ukuthi ayivikele esedlubhe imibala yeHollywood.
Ngaphandle kweComrades yebanga lika-87km ezogijinywa ngoJuni 14 kukhushukwa kusukwa eThekwini kubhekwe eMgungundlovu, uDijana, uMothibi, uMokoko noSteyn, kulindeleke ukuthi benze ezibukwayo kwiTwo Oceans Marathon yebanga lika-56km ngo-Ephreli 10, eKapa.
Related Topics: