Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UMngqithi ukhale nge-VAR behlulwa yiChiefs

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mngqithi, ozwakalise ilaka lakhe ngobumqoka be-VAR kwiPSL ngenxa yamaphutha onompempe

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mngqithi, uphinde wazwakalisa ilaka lakhe ngobumqoka bokuthi kuphuthunyiswe ukwethulwa kwe-Video Assistant Referee (VAR) kwiBetway Premiership ngenxa yesivinini emidlalweni yale ligi.  

UMngqithi obedinwe egane unwabu, ubekhuluma ngemuva kokuba ezakhe ziguqiswe yiKaizer Chiefs ngo 1-0 wegoli lika-Aden McCarthy emdlalweni wePremiership ngoLwesibili eFNB Stadium, eGoli.

Lo mqeqeshi ukubeke kwacaca ukuthi bekungafanele livunye igoli likaMcCarthy ngoba beliyi-offside engatolikelwa.

“Akuwona umphumela ebesiwufuna lo, okubi nakakhulu ukudliwa ngegoli eliyi-offside. Angifuni ukusola onompempe ngalokhu kodwa ngicabanga ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi iligi iyibheke ngelinye iso indaba yobumqoka be-VAR ngoba iqiniso wukuthi imidlalo isidlalwa ngesivinini esiphezulu kakhulu

Kunzima kakhulu konompempe ukulandela yonke iminyakazo. Ngisho nathi ezinye izinto sizibona sekudlule isikhathi sesibuka ama-video,” kusho uMngqithi ongaqali ukukhala nge-VAR. 

“Ngenkathi ibhola lidlalwa okokuqala, u-Aden ubengakabi offside, kodwa ngenkathi selithintwa nguSilva (Flavia) ngaleso sikhathi u-Aden ubesevele esendaweni engamfanele, ngakho leya yi-offside. 

Kubaluleke kakhulu sibe nayo i-VAR manje. Asidlaleli u-R200 lapha, sidlalela uR20 million. Ngakho njengeligi enkulu e-Afrika kumele senze kangcono. Silahlekelwa yimisebenzi singabaqeqeshi nabadlali bayahlawuliswa ngabaqeqeshi ngamaphutha.”