Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Udume kumpetha weHarry Gwala Marathon olimele

Sibusiso Mdlalose|Published

USINETHEMBA Tshangase (owathathwe nomqeqeshi wakhe uMthandeni Nene) oseveze ukuthi ngeke akwazi ukusivikela isicoco sakhe seHarry Gwala District Marathon ngenxa yokulimala

Image: SITHUNYELWE

AKABONI ezokwazi ukusivikela isicoco sakhe seHarry Gwala District Marathon, uSinethemba Tshangase, ngenxa yokulimala osekumhlalise isikhathi. 

UTshangase (27) ogijimela iNedbank Running Club nguyena owadla umhlanganiso nyakenye  emjahweni iHarry Gwala Marathon yebanga lika-42km ngesikhathi esingu-2:20:47, eshiya uNtsindiso Mphakathi olale isibili ngesikhathi esingu-2:21:00.

Lo mjaho waminyaka yonke ogijinyelwa esifundeni iHarry Gwala District esihlanganisa iXobho, uMzimkhulu neKokstad, ungomunye wemijaho esetshenziswa ngabagijimi ukwenza izikhathi zokuzibekisela indawo kwi-Two Oceans Marathon neComrades Marathon.  

Eyanonyaka iHarry Gwala izogijinywa ngoMashi 22.

“Angiboni ukuthi ngizokwazi ukusivikela isicoco seHarry Gwala Marathon yakulo nyaka ngenxa yokulimala. Senginesikhathi ngalimala ngokudonseka umsipha emlenzeni, i-achilles. Noma sengiqalile ukululama kodwa angikaqali ukuziqeqesha ngokuphelele, okuyingakho nginokungabaza okukhulu ukuthi ngizokwazi ukuyigijima iHarry Gwala,” kusho uTshangase, odabuka eMthwane, eMzimkhulu. 

“Nokho nginethemba lokuthi uma sengiluleme kahle ngizokwazi ukuziqeqesha ngilungele ukugijima eminye imijaho esazogijinywa kulo nyaka enjengeTwo Oceans Marathon nePrince Mangosuthu Ultra Marathon, okungeminye yemijaho enginesifiso esikhulu sokuyigima kulo nyaka.”

Lo mgijimi oqeqeshwa nguMthandeni Nene, uhlabane ngomklomelo weMale Road Running Athlete of the Year ngo-Agasti nyakeye, emcimbini obuhlelwe yiKwaZulu-Athletics.

Eminye imijaho yebanga lika-42km esazogijinywa ngaphambi kweHarry Gwala, kubalwa kuyona iCapital City Marathon ngoFebhuwari 22, eMgungundlovu, iBest of the Best Marathon ngoMashi 1, eThekwini neMhlathuze Crocs Marathon ngoMashi 21, eRichards Bay.