UMDLALI wasesiswini nokaputeni weqembu lesizwe laseMozambique, u-Elias Pelembe, osethi khumu ekudlaleni ibhola ezingeni leqembu lesizwe ngemuva kokudlala kwi-Africa Cup of Nations eMorocco
Image: BACKPAGEPIX
UMDLALI wasesiswini osemnkantshubomvu nongukaputeni weqembu lesizwe laseMozambique, u-Elias “Dominguez” Pelembe, unethemba lokubona iqembu lesizwe lakubo lenza kangcono kakhulu esikhathini esizayo emqhudelwaneni we-Africa Cup of Nations (Afcon).
UPelembe (42) ozakhele igama emaqenjini aseMzansi okubalwa kuwo iSupersport United, Mamelodi Sundowns neBidvest Wits, uwaphanyeke ngokusemthethweni emgibeni amakhokho ekudlaleleni iqembu lesizwe.
Umemezele lesi sinqumo ngemuva kokuthi iMozambique ibhaxatshulwe yiNigeria ngo 4-0 koweLast 16 ye-Afcon ngoMsombuluko eFez Stadium, eMorocco,
Le nsephe ebe ngumdlali omdala kunabo bonke kwi-Afcon yanonyaka eMorocco, idlale amahlandla amathathu kulo mqhudelwano. Yadlala kuwona ngo-2010 e-Angola, ngo-2024 e-Ivory Coast nakulo nyaka eMorocco.
Ubesedlale imidlalo engu-101 washaya amagoli angu-16 edlubhe ijezi le-The Mambas, obekungokokuqala emlandweni wayo idlula esigabeni samaqoqo kwi-Afcon.
“Kube wuhambo oluhle, kodwa ngiyafisa ngabe ngidlale ama-Afcon angaphezulu kwalawa engiwadlalile, kodwa-ke ibhola linjalo. Okungijabulisayo nje wukuthi ngikwazile ukuthola ithuba lokudlala le miqhudelwano emithathu ye-Afcon, okuwuhambo oluhle engiluthokozele,” kusho uPelembe.
I-The Mambas inqobe umdlalo wayo wokuqala kwi-Afcon kusukela yaqala ukudlala kulo mqhudelwano ngo-1986, iguqisa iGabon ngo 3-2 esigabeni samaqoqo kuGroup F.
“Kusijabulise kakhulu ukunqoba kwethu umdlalo wokuqala kwi-Afcon nokwedlulela esigabeni esilandelayo se-Last 16. Kodwa ngeshwa sabhekana nomdlalo onzima (kwiNigeria) kwi-Last 16 sahlulwa," kuqhuba uPelembe.
"Sifunde okuningi, ngakho nginethemba nesifiso sokuthi esikhathini esizayo uma siphinda sithola ithuba lokuzodlala kulo mqhudelwano siyokwenza kangcono kakhulu kunalokhu esikwenzile."
UPelembe unqobe izicoco ezinhlanu zeligi yePremiership yakuleli namaqembu amathathu, iSupersport, Sundowns neWits. Akukacaci ukuthi usazoqhubeka yini nokuyibamba eqenjini lakhe i-UD Songo, elingompetha ba-2025 beMozambique Premier League, eyaziwa ngeMocambola League.
Related Topics: