Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UMnguni ubona kungaba wukubhidliza ukuxosha uBroos kwiBafana

Sibusiso Mdlalose|Published

HUGO BROOS

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

OWAYENGUMDLALI wasesiswini kwiBafana Bafana, uBennett Mnguni, ubona kungase kunyomfe izinhlelo ukuxosha umqeqeshi, uHugo Broos, ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ezoba ngoJuni.

Ukuphuma ekuseni kweBafana emzuliswaneni we-Last 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon)  ishaywa yiCameroon ngo 2-1 ngeSonto eMorocco, kusho ukuthi leli qembu selizogxila ngokuphelele ekulungiseleleni ukuyoyibamba kwiNdebe yoMhlaba.

INdebe yoMhlaba izosingathwa ngamazwe amathathu okuyiCanada, Mexico ne-United States of America (USA) ngoJuni 11 kuya kuJulayi 19. IBafana ekleliswe kuGroup A izovula ngeMexico engosokhaya ngoJuni 11.

Ukuphuma ekuseni kweBafana kwi-Afcon yakulo nyaka sekuqubule imvunge kubathandi bebhola baseMzansi ezinkundleni zokuxhumana. Abanye sebeqalile ukushaya amakhala ngomqeqeshi, uHugo Broos, bemsola ngamaqhinga awasebenzisile angalisebenzelanga leli qembu emdlalweni wangeSonto.

IBafana ayikaze idlale kwiNdebe yoMhlaba iholwa ngumqeqeshi obeyiqeqesha izibekisela indawo.

Ngo-1998 yazibekisela indawo iqeqeshwa nguClive “The Dog” Barker ongasekho kodwa yafika eFrance isiholwa nguPhillip Trousier waseFrance. Kwenzeka esifanayo nakuCarlos Queiroz owayifaka kwiNdebe yoMhlaba ka-2002 eKorea/Japan kodwa yafika kulo mqhudelwano isiholwa ngu-Ephraim "Jomo" Sono. 

“Ngingomunye wabadumele ngokuphuma kwethu ekuseni kwi-Afcon yakulo nyaka kodwa ngikholwa wukuthi umqeqeshi wethu, uHugo Broos, nethimba lakhe labaqeqeshi bawabonile amaphutha aholele ekuhlulekeni kwethu kwi-Afcon.

Ukukhombana ngeminwe ngeke kusisize ngalutho manje, kanti futhi nokwenza izinguquko ethimbeni labaqeqeshi kungasibuyisela emuva, kunyomfeke nezinhlelo zeqembu lethu lesizwe ikakhulukazi njengoba sesisincane isikhathi esesisisalele ngaphambi kweNdebe yoMhlaba,” kusho uMnguni, owayeseqenjini leBafana eladlala kwiNdebe yoMhlaba ka-2002 eKorea/Japan.

Le nkakha idalule ukuthi ngesikhathi izintambo sezithathwe nguJomo, bathwala kanzima kwazise kwadingeka bafunde indlela yakhe yokudlala ngesikhathi esifushane. Sekuwumlando ukuthi iBafana yaphuma esigabeni samaqoqo ngamaphuzu amane.

“Leli qembu selidlale ndawonye isikhathi ngaphansi kwesandla somqeqeshi uHugo Broos, abadlali sebeyiqonda kangcono indlela afuna badlale ngayo. 

Yebo, amaphutha ayenzeka ebholeni, njengoba kwenzekile emdlalweni wethu neCameroon, kodwa lokho okungasho ukuthi sekonakele konke, cha.

Okudingekayo manje wukuthi kubuyelwe emuva kuyolungiswa amaphutha, silungiselele ukuyomela izwe kwiNdebe yoMhlaba.

Ukushintsha umqeqeshi ngesikhathi esincane sekuyiwa kwiNdebe yoMhlaba kuba nomthelela ongemuhle kubadlali, ngikhuluma ngento engiyaziyo. 

Umqeqeshi ofikayo ufika nendlela yakhe yokudlala, okufanele abadlali bayibambe ngokushesha, okuyinto engelula kwabanye abadlali.”