GAYTON McKenzie
Image: BACKPAGEPIX
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko eNingizimu Afrika, uGayton McKenzie, uyayichitha eyabafuna kuxoshwe umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, kulandela ukuphuma kwayo kwi-Last 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubekayo eMorocco.
UMcKenzie obephelezele iBafana eMorocco, ubekhuluma nabezindaba izolo, esikhumulweni sezindiza i-OR Thambo International Airport, eGoli, ngenkathi kwemukelwa leli qembu.
IBafana iphume emzuliswaneni we-Last 16 we-Afcon iguqiswa yiCameroon ngo 2-1. Lokhu kukhombisa ukushona phansi uma kuqhathaniswa ne-Afcon kweka-2023, lapho yathola khona indondo yethusi e-Ivory Coast.
Kunabalandeli abalimisa ngesihloko ezinkundleni zokuxhumana elokuthi kumele akhonjwe indlela uBroos, iBafana ithole omunye umqeqeshi ozoyihola kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngoJuni.
“Leli qembu lidlale kahle. Ngeke sithi ngoba behlulwe emzuliswaneni wokuqala (esigabeni samaqoqo) bese sithi bayizahluleki, cha.
"Sidlale kahle kodwa-ke saba nalawo maphutha okuyiwona enze sahlulwa. Uma ubuyela emuva eminyakeni embalwa edlule iBafana ibingenzi kahle, uBroos wafika wayivusa kodwa manje futhi sekukhona abantu asebethi uBroos akahambe. Ahambeleni? Siyawezwa amazwi athi uBroos akaxoshwe, axoshelweni?” kubuza uMcKenzie.
“UHugo Broos akayi ndawo, ngithi angikucacise lokhu. UHugo Broos uya eMexico. Ulakhile iqembu laba nesisekelo ngakho umgxeka kanjani umqeqeshi uma abadlali bengawashayi amagoli?
"Sifuna ukwenza uhlelo olucacile ngokuya kwethu kwiNdebe yoMhlaba. UBroos usenza umsebenzi omuhle eqenjini lethu lesizwe, kumele asithathe asise kwiNdebe yoMhlaba.
"Ngemuva kweNdebe yoMhlaba usengathatha-ke umhlalaphansi, bese siqasha omunye umqeqeshi.”
Yize uMcKenzie ezwakalisa ukumeseka uBroos kodwa ubuholi benhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSouth African Football Association (Safa) obuholwa ngumengameli uDanny Jordaan, abukahlangani nalo mqeqeshi ukubhunga ngokuzokwenzeka.
Lo mqeqeshi odabuka eBelgium othathe izintambo zokuqeqesha iBafana ngo-2021, usehole leli qembu lesizwe ngempumelelo lazibekisela indawo kwi-Afcon amahlandla amabili kulandelana, walifaka kwiNdebe yoMhlaba elayigcina ngo-2010, lingosokhaya.
IBafana ikleliswe kuGroup A kwiNdebe yoMhlaba ka-2026 ezodlalelwa eMexico, eCanada nase-USA, kusukela ngoJuni 11 kuze kube uJulayi 19.