Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UChipezeze nenselelo kwaweCosafa ngezinga kwi-Afcon

Sibusiso Mdlalose|Published

UNOZINTI weZimbabwe, u-Elvis Chipezeze, okholwa wukuthi ubuholi bamaqembu esizwe angaphansi kweCosafa kufanele bubhukule ukuze ezokwenza kangcono kwi-Afcon

Image: BACKPAGEPIX

UNOZINTI weZimbabwe, u-Elvis Chipezeze, uphosele inselelo ubuholi bamaqembu esizwe angaphansi kwesifunda seCouncil of Southern Africa Football Associations (Cosafa) ngokuthi bubhukule ukuze ezokwenza kahle emqhudelwani i-Africa Cup of Nations (Afcon). 

UChipezeze (35) ongukaputeni weMagesi FC edlala kwiBetway Premiership, ubekhona esikwatini seZimbabwe ephume esigabeni samaqoqo kwi-Afcon eqhubekayo eMorocco. 

I-The Warriors ebiseqoqweni neBafana Bafana, i-Angola ne-Egypt kuGroup B, ibiphakathi kwamaqembu esizwe ayisikhombisa abemele iCosafa kulo mqhudelwano. Amanye yiZambia, iBotswana, iComoros neMozambique. Wonke asephumile kulo mqhudelwano. ICosafa inamaqembu esizwe angu-14.

IBafana neMozambique kuphela abafinyelele kwi-Last 16 kodwa nabo baphelela khona. IBafana ikhishwe yiCameroon ngo 2-1, i-The Mambas yakhishwa yiNigeria ngesibhaxu sika 4-0. 

“Iqiniso wukuthi iningi lethu thina maqembu esizwe angaphansi kweCosafa asenzi kahle emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations. 

"Noma nayo isheshe yaphuma kulokhu kodwa iBafana Bafana yiyona kuphela emaqenjini angaphansi kweCosafa esenza kangcono kwi-Afcon uma ubheka ukuthi ngo-2024, ifinyelele kowandulela owamanqamu, yaphinda yangena nakwiNdebe yoMhlaba,” kusho uChipezeze, obanga ijezi noWashington Arubi noMartin Mapisa kwi-The Warriors. 

“Ngaphandle kweBafana, alikho elinye iqembu lesizwe elingaphansi kweCosafa eselike laya kwiNdebe yoMhlaba, lokho okukutshelayo ngomsebenzi okusafanele wenziwe wubuholi bebhola emazweni amaningi angaphansi kweCosafa okubalwa neqembu lakithi, iZimbabwe. 

"Yize nayo iBafana inazo ezayo izinkinga lapha nalaphaya kodwa kuyacaca ukuthi ezayo izinkinga zincane kunezamanye amaqembu esizwe angaphansi kweCosafa.

"Ngakho kufanele ubuholi bala mazwe busike iphethini ebuholini beSafa ephethe iBafana ngendlela yokwenza izinto, kulungiswe izinkinga ezikhona ngoba ikhono likhona kula mazwe.”

"Empeleni iBafana neZambia yiwona kuphela maqembu angaphansi kweCosafa asenomlando ongcono kwi-Afcon kunomakhelwane bawo, njengoba eseke awunqoba lo mqhudelwano phambilini. 

IChipolopolo eyadlala okokuqala kwi-Afcon ngo-1974, isifinyelele kowamanqamu amahlandla amathathu okungu-74, u-1994, no-2012, okungunyaka eyadla ngawo isicoco salo mqhudelwano. 

Ngakolunye uhlangothi, iBafana eyadlala okokuqala kwi-Afcon ngo-1996, isafinyelele kabili kowamanqamu okungu-96 eyanqoba ngawo isicoco, nango-1998.