I-ARSENAL esalokhu ihlezi phezulu kwi-log ye-English Premier League inenselelo enkulu yokugcina umgqigqo ofanayo kuze kube sekugcineni ukugwema okuyehlele kumasizini amathathu edlule elandelana iphunyukwa yisicoco ekugcineni
Image: ARSENAL FACEBOOK
YIZE i-Arsenal isazihola phambili kwi-log ye-English Premier League kodwa ukulahla kwayo amaphuzu ngesikhathi lapho isimo siyivuna ekuqhubekeni nokuvula igebe esicongweni se-log, yikho kanye okudala ixhala kubalandeli ngokuphindwa osekuke kwehlela leli qembu kumasizini amathathu edlule liphunyukwa yisicoco sekuthenjiwe.
Maphakathi nesonto izimbangi ze-Arsenal embangweni weligi, iManchester City ne-Aston Villa, zilahle amaphuzu ngokwehlukana zidlala ngokulingana. Lokhu kwenze yathola ingqayizivele yethuba lokuvula igebe esicongweni se-log. Kunalokho, igcine ibambane ngo 0-0 neLiverpool ngoLwesine e-Emirates Stadium, eLondon. I-Arsenal isaqhwakele ngamaphuzu angu-49 emidlalweni engu-21.
Yehlukaniswe ngayisithupha kuphela neLiverpool ne-Aston Villa abasendaweni yesibili neyesithathu ngokwehlukana ngamaphuzu angu-43 emidlalweni engu-21.
Ukudlala ngokulingana kwe-Arsenal neLiverpool kuqede umgqigqo wayo wemidlalo eyisikhombisa yokunqoba imidlalo ilandelana kuyo yonke imiqhudelwano.
Umqeqeshi we-Arsenal, uMikel Arteta, uvumile ukuthi ukulahla amaphuzu kwezakhe koweLiverpool kuzilahlekisele ngethuba lokuvula igebe esicongweni.
“Ngaso sonke isikhathi uma ungawini kuyazwela ngoba uvele ucabange ukuthi ngabe sengiphambili kangakanani.
Kodwa kufanale ngibancome abadlali bami ngabakwenze ngekhefu likaKhisimusi. Bekungelula imidlalo ithothene kodwa ukuzinikela abakukhombisile kuyamangalisa,” kusho u-Arteta ecashunwa yi-Sky Sports.
Ukunqoba imidlalo emithathu ilandelana kwe-The Gunners ngekhefu lamaholidi okuphela konyaka, iguqisa iBrighton, i-Aston Villa neBournemouth, kucacise izinhloso zayo zokuwina isicoco seligi.
Nakuba luselude ukhalo futhi umncane kakhulu umehluko wamaphuzu phakathi kwayo nezimbangi embangweni wesicoco seligi, kodwa okuqaphelekayo nge-The Gunners wububanzi besikwati sayo obekuyinselelo kuleli qembu kula masizini amathathu edlule liphunyukwa yisicoco ekugcineni kulandelana.
Ngaphambi kokuqala kwesizini, ingene yagamanxa emakethe ngenhloso yokuqinisa isikwati sayo. Isayinise abadlali abayisishiyagalombili abanohlonze okubalwa kubona uMartin Zubimedi osuka kwiReal Sociedad yaseSpain, uViktor Gyokeres osuka kwiSporting yasePortugal, u-Eberechi Eze osuka kwiCrystal Palace, noNoni Madueke osuka kwiChelsea, ukubala abambalwa. IGunners eyagcina ukunqoba iPremier League ngesizini ka-2003/04, imidlalo eyishumi ezoyidlala kusukela manje yiyona engase icacise ngamathuba ayo esicoco seligi.
Ngemuva kwemidlalo ye-FA Cup ne-EFL Cup kule mpelasonto naphakathi nesonto elizayo, iGunners izobuyela ensimini ngowePremier League neNottingham Forest ngoMgqibelo ozayo eCity Ground, eNottingham.