UKAPUTENI weDurban's Super Giants u-Aiden Markram nozakwabo u-Evan Jones.
Image: X / DSG
UKHOLWA wukuthi banawo amandla okulungisa amaphutha emidlalweni elandelayo yeBetway SA20 umdlali weDurban’s Super Giants, u-Evan Jones, yize bephikwe yimiphumela kwemibili yakamuva.
ISuper Giants iwuqale kahle lo mqhudelwano ngoDisemba 26 iguqisa iMI Cape Town ngama-run angu-15 eKapa, kwathi sebebhekene eThekwini bacazelana amaphuzu ngenxa yokuthi umdlalo waphazanyiswa yimvula kusadlalwe kancane.
Iqembu laseThekwini libe selinqotshwa yiJoburg Super Kings ngamawikhethi ayisithupha eKingsmead Stadium ngoLwesibili, ngaphambi kokuthi lihlulwe yiqembu elifanayo sekudlalwa iSuper Over eWanderers Cricket Ground ngoLwesine ebusuku.
Kulo mdlalo obuseGoli womabili amaqembu ashaye ama-run angu-205 kuma-over awo angu-20.
Aphinde abuya esezodlala i-over eyodwa iqembu ngalinye lapho iSuper Giants ishaye khona ama-run amahlanu, iSuper Kings yafinyelela kwayisishiyagalombili kusasele amabhola amathathu.
“Miningi imizwa kodwa ekugcineni ngingathi womabili amaqembu akhombise amakhono awo. Bekuwumdlalo phakathi kwamaqembu amabili aqinile, anabaqeqeshi abakhaliphile abawanika amasu amahle. Indlela umdlalo ophele ngawo ibiyinhle futhi ibathokozisile abalandeli,” kusho uJones.
“Asiwatholanga ama-run ebesiwafuna kwiSuper Over ngenxa yokuthi uRichard (Gleeson), ushwibe kahle kodwa kuningi okuhle esingakuthatha kulo mdlalo.
“Njengoba sinabadlali abanamava kanye nabasebancane kuningi esikwenza kahle. Kufanele siqhubeke nokuzimisela, sidlale ikhilikithi esezingeni eliphezulu. Uma sikwenza lokho imiphumela emihle izolandela.”
ISuper Giants izodlala umdlalo olandelayo weBetway SA20 nePretoria Capitals eSuperSport Park, eCenturion, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.
Related Topics: