Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

ISharks nenselelo yokugcina umgqigqo kowe-URC neLions

Xolile Mpisane|Published

UMQEQESHI weSharks uJP Pietersen obheke ukuthi abadlali bangawulahli umfutho abasonge ngawo unyaka ka-2025.

Image: BACKPAGEPIX

IHOLLYWOODBETS Sharks inenselelo yokuqala unyaka omusha ngegiya eliphezulu njengoba izodudulana ne-Emirates Lions eKings Park, eThekwini ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

Ngemuva kokuqala isizini ka-2025/26 ngebatha kwi-United Rugby Championship, iSharks isonge unyaka ngemiphumela ebuyise ithemba.

Inqobe iSaracens yase-England ngo 28-22 emdlalweni wesibili wamaqoqo weChampions Cup, ngaphambi kokuqumba phansi izimbangi zayo ezinkulu, iVodacom Bulls, ngo 21-12 kowakamuva we-URC.

Le miphumela yomibili iqhamuke ngaphansi kwesandla senkakha yaleli qembu, uJP Pietersen, ekhushulelwe esikhundleni sokuba yibamba lo mqeqeshi kulandela ukuhlehla kukaJohn Plumtree.

Into ayigcizelela ngesikhathi ethatha izintambo uPietersen inhloso yokubuyisa usikompilo lweSharks kanye nomoya wokuzimisela eqenjini lonke. Lokho kubonakalile kule midlalo yomibili njengoba leli qembu lilwe kwaze kwasekugcineni, lanqoba sekubukeka sengathi lizophinde yiwalahle amaphuzu.

ISharks isendaweni ka-13 kwi-log ye-URC ngamaphuzu angu-12 emidlalweni eyisikhombisa. Izohlanga neLions esendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-17 emidlalweni eyisikhombisa.

Ukunqoba lo mdlalo kungenza ezikaPietersen ziqede impelasonto sezibalwa namaqembu ayisishiyagalombili aphezulu, nokuyindawo ezidinga ukuba kuyona uma sekusongwa imidlalo yamaqoqo ukuze lidlulele kweyomkhumulajezi.

ILions izongena kulo mdlalo idinga ukunqamula imiphumela emibi njengoba isinqotshwe imidlalo emithathu ilandelana.

Iguqiswe yiBenetton neNewcastle Falcons kweye-European Challenge Cup, yanqotshwa yiDHL Stormers ngo 34-27 kowakamuva we-URC.

"Kube nezinto ezimbalwa obekumele sizilungise ngemuva komdlalo weStormers. Sichithe leli sonto sidlula kulezo zinto futhi sibheke umdlalo neSharks," kusho umdlali weLions, uPJ Botha.

“Angikholwa ukuthi likhona iqembu elingenawo amandla embhoxweni wesimanje, iSharks ayihlukile. Siyakwazi esizobhekana nakho futhi siyilungele inselelo."