UNOZINTI weNigeria, uStanley Nwabali, ovikela ezakhe ngokuxega odongeni lwasemuva ngemuva kokudedela amagoli amabili ngemizuzu yokugcina
Image: BACKPAGEPIX
UNOZINTI weNigeria, uStanley Nwabali, uyayichitha eyokuxega kodonga lwasemuva lwezakhe ezidedele amagoli amabili ngemizuzu yokugcina yokuphela komdlalo ziguqisa iTunisia ngo 3-2 emdlalweni kaGroup C we-Africa Cup of Nations ngoMgqibelo, eFez Stadium, eMorocco.
Nakuba iNigeria igcine ikwazile ukuzibekisela indawo emzuliswaneni we-Last 16 ngokunqoba iTunisia, okuyenze yahlala phezulu kuGroup C ngamaphuzu ayisithupha kodwa ukudedela kwayo amagoli amabili ngemizuzu yokugcina ihamba phambili ngo 3-0, yikhona okwenze ezinye izingqapheli zebhola zashaya amakhala ngodonga lwasemuva lwaleli qembu.
ISuper Eagles izodlala umdlalo wokusonga isigaba samaqoqo ne-Uganda namuhla ngo-6 ntambama, eFez Stadium.
“Emqhudelwaneni walolu hlobo akugwemeki ukungenelwa ngamagoli. Ngisho namaqembu amakhulu ahlonishwayo emhlabeni ayangenelwa amagoli
"Angicabangi ukuthi sinenkinga odongeni lwethu lwasemuva, kuzofanele siqhubeke siyibambe nasemidlalweni elandelayo.
"Ibhola lithuthuke kakhulu manje, awasekho amaqembu okufanele athathwe kalula. Wonke umuntu ufuna ukuwina,” kusho uNwabali ekhuluma nabezindaba.
“Siyafisa ngayo yonke indlela ukuthi singangenelwa magoli. Kungizwisa ubuhlungu nami njengonozinti ukungenelwa yigoli kodwa kumele siqhubeke njengeqembu silwe.
"Okunye, ama-free kick yinto ongeke ukwazi ukuyilungisa. Sishaye igoli nge-free kick, nabo (i-Tunisia) bashaya igoli ngayo i-free kick. Kodwa sigcine siwinile phezu kwalokho ngoba zikhona izinto ongeke ukwazi ukuzigwema.”
Lo nozinti ongukaputeni weChippa United edlala kwiBetway Premiership, ubonge ukuzinikela kozakwabo ngokunqoba i-Tunisia, etusa nonozinti abanga nabo ijezi ezintini, uFrancis Uzoho no-Amas Obasogie.
“Ngiyaziqhenya kakhulu ngozakwethu ngokuzinikela kwabo. Ukwedlulela kwethu kwi-Last 16, kusho lukhulu kithina.
"UFrancis no-Amas ngabadlali abanomoya omuhle. Kwi-Afcon edlule (ka-2023) nganginoFrancis, ongumdlali engihlale ngifisa njalo ukusebenza naye. Angisayiphathi-ke eka-Amas ngoba ngiyamazi njengoba ngike ngadlala naye phambilini kwi-NPFL eNigeria.
"Ukubanga kwami nabo ijezi akukuqedi ukuthi bangabafowethu esifana nomndeni nabo.”
UNwabali ubanga ijezi no-Uzoho ogijima kwi-Omonia yaseCyprus no-Obasogie odlalela iSingida Black Stars yaseTanzania.
ISuper Eagles eqeqeshwa ngu-Eric Chelle odabuka e-Ivory Coast othathe izintambo ngoJanuwari nonyaka, inenselelo yokuthoba izinhliziyo zabathandi bebhola baseNigeria ngokuwina i-Afcon, kulandela ukuphoxeka kwabo yehluleka ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026.
Related Topics: