Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Sizovalwa ngenjejane isikhala sikaKolisi kwiSharks

Xolile Mpisane|Published

USIYA Kolisi ozoshiya iHollywoodbets Sharks ekupheleni kwesizini.

Image: BACKPAGEPIX

I-HOLLYWOODBETS Sharks ithembe abadlali abasebancane ukuthi bavale isikhala esizovuleka uma sekuhambe ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi.

Leli qembu liqinisekisile ngesonto eledlule ukuthi lo mdlali uzolishiya ekupheleleni kwesizini, abuyele eqenjini laseKapa, iDH Stormers.

Isikhulu esiphezulu seSharks, uShaun Bryans, sithe ukuhamba kwakhe kuzovulela ithuba lokuzibonakalisa ezingeni eliphezulu abadlali okubalwa kubona uNick Hatton noMatt Romao.

“Indima ekhathulwe nguSiya eqenjini ingaphezulu kwalokhu abekwenza enkundleni. Ulethe ubuholi, ukuzithoba nokuhlonipha umdlalo okukapakele kozakwabo. Yize kungekho lula ukuhlukana nomdlali okuleli zinga kodwa siyasihlonipha isinqumo sakhe sokubeka umndeni wakhe phambili,” kusho uBryans.

“USiya uzoshiya izimfundiso ezizohlala eqenjini ngisho engasekho futhi leli yithuba lokuthi kuqhamuke abanye abaholi. Sinabadlali abanekhono asebekulungele ukunyukela kwelinye izinga. Abadlali abafana noNick Hatton, Matt Romao nabanye bathole ithuba lokufunda komunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni futhi sibheke bona ukuthi bakhule, babe yikusasa leqembu.”

UHatton (22) useqalile ukudlala imidlalo emikhulu kwiSharks kanti uRomao (20), wayeseqenjini lesizwe lika-Under 20 elinqobe iNdebe yoMhlaba kulo nyaka.

UKolisi ubonge iSharks ngethuba lokuba yingxenye yaleli qembu alijoyina ngo-2021, walishiya ngo-2023, wayodlalela elaseFrance, iRacing 92, waphinde wabuyela kulona ngonyaka odlule.

“ISharks ibe yingxenye ekhethile yohambo lwami. Leli yiqembu elihloniphekile futhi elifana nomndeni. Ngikuthokozele ukuba yingxenye yalo nokubona abadlali abasebancane bethuthuka futhi bezethemba. Yize bengifisa ukuqedela ukudlala kulona kodwa lesi sinqumo ngisithathele ukuba seduze nezingane zami,” uphawule kanje uKolisi.

Ngokwamahebezi, iSharks izama ukubuyisa omunye umdlali ogijima kwi-looseforward, uDaniel du Preez (30), odlala eqenjini lase-England, iSale Sharks.

Iwele likaDu Preez, uJean-Luc nomfowabo omdala uRobert, bayidlalela iSharks yaseThekwini eminyakeni edlule.