Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UMiddendorp ukhuza ibuya kwiDurban City

Sibusiso Mdlalose|Published

ERNST MIDDENDORP

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

ZIYAQINA ezokuthi ukhuza ibuya kwiDurban City u-Ernst Midddendorp obengusomaqhinga kuleli qembu alishiyile ezinyangeni ezimbili ezedlule. 

Ngokomthombo weSolezwe, kulindeleke ukuthi iCity ibuyele ejimini ngoDisemba 27 isishaya ngoMidddendorp ethimbeni labaqeqeshi. Uzobuyela esikhundleni sokuba ngusomaqhinga abekusona kuqala isizini.  

Kubuya uMiddendorp nje, iCity kusabhekwe ukuthi imemezele umqeqeshi ozovala isikhala sikaGavin Hunt okhonjwe indlela emasontweni adlule. Leli qembu lithembise ukuthi lizosebenzisa ikhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon) ukuthungatha umqeqeshi omusha.

“UMiddendorp uyabuya kwiDurban City maduze nje. Uzoqala umsebenzi wakhe abevele ewenza kusukela ekuqaleni kwale sizini wokuba yi-technical director.

Akazile ukuzoba ngumqeqeshi ngoba iqembu vele lisazomethula maduze umqeqeshi ozolihola ngomzuliswano wesibili wesizini,” kusho umthombo.  

Ukukhuza ibuya kukaMiddendorp kwesokuba ngusomaqhinga kwiCitizens, sekumkhiphile ohlwini lwabaqeqeshi abayamaniswa nokugaqela isikhundla sokuvala isikhala sikaHunt, njengoba naye ebebalwa nabanye okubalwa kubona noSimo Dladla. 

UDladla ubehola iCity ngesizini edlule lidla isicoco seligi yeMotsepe Foundation Championship lakhushulelwa kwiPremiership. Wehlukane nayo ngaphambi kokuqala kwesizini, wajoyina AmaZulu FC. Omunye omataniswa nalesi sikhundla nguPitso Dladla obeyiphini likaSimo ngesizini edlule. UPitso obehlezi ebhentshini ngesikhathi leli qembu lihlula i-Orbit College ngo 3-0 emdlalweni weBetway Premiership wokugcina wonyaka. Kuvele ukuthi usihlalo, uFarook Kadodia, uyakholelwa kuyena nesitayela sebhola asidlalisayo. 

ICitizens eqede umzuliswano wokuqala wesizini isendaweni yesikhombisa kwi-log yePremiership, izobuyela ensimini ngemuva kwekhefu le-Afcon ngomdlalo wasekhaya nePolokwane City ngoJanuwari 25 eChatsworth Stadium, eThekwini.