Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Isililo kudlula emhlabeni owamaBhokobhoko esifazane

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI wamaBhokobhoko esifazane, uLusanda Dumke, odlule emhlabeni izolo.

Image: BACKPAGEPIX

ULAHLEKELWE umbhoxo waseNingizimu Afrika kulandela ukudlula emhlabeni kobengukaputeni weqembu lesizwe labesifazane, uLusanda Dumke.

Lo mdlali obeneminyaka engu-29, ushone izolo ekuseni e-East London, e-Eastern Cape, ngemuva kokuxinwa wumdlavuza wesisu.

UDumke owathola indondo yeWomen’s Rugby Player of the Year kuma SA Rygby Awards ango-2022, unconywe kakhulu ngobuholi bakhe kanye nesibindi asikhombise enkundleni nangaphandle kwayo.

Udlale imidlalo engu-33 kumaBhokobhoko, washaya ama-try angu-10. Wake walihola leli qembu emidlalweni emithathu, wadlalela nelesizwe lombhoxo weSevens.

"ULusanda ngeke simkhumbule njengokaputeni wamaBhokobhoko esifazane kuphela kodwa futhi nangesibindi sakhe, ubuholi kanye nokuqina okudlula iminyaka yakhe. Udlale umdlalo ngenhliziyo nangokuzithoba, enikela ngakho konke abenakho," kusho umengameli weSA Rugby, uMark Alexander. 

"Egameni le-SA Rugby, sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaDumke, bonke abamthandayo, abangani nozakwabo. Kubuhlungu ukulahlekelwa umuntu omncane kangaka ngenxa yomdlavuza.”

UDumke waqala ukudlalela iBorder Ladies ngo-2015, eneminyaka engu-18, wadlalela iqembu lesizwe okokuqala ngo-2018, libhekene neWales eCardiff.

Ube ngukaputeni waseNingizimu Afrika okokuqala ngo-2021, idlala neKenya ochungechungeni lwemidlalo emibili eStellenbosch, waphinde wadlala ne-Australia ngonyaka odlule.

Wayengukaputeni ngesikhathi amaBhokobhoko esifazane edlala imidlalo emibili neKenya ngo-2021, nangesikhathi ebhekene ne-Australia ngonyaka odlule.

Wayeseqenjini lamaBhokobhoko eladlala eNdebeni yoMhlaba eyayibanjelwe eNew Zealand, ngo-2022.

Udlale okokugcina eqenjini lesizwe libhekene ne-Italy emqhudelwaneni iWXV 2 eKapa, ngonyaka odlule.

UDumke wayengukaputeni weBorder Ladies ngesikhathi inqoba iCurrie Cup ngo-2021 nango-2022. Unqobe izicoco ezintathu ne-Isuzu Bulls Daisies ngaphambi kokuthi ukugula kumphoqe ukuthi ashiye umbhoxo ngo-Agasti, nonyaka.

UThando Manana oyinhloko ye-High Performance and Special Projects kwiBlue Bulls Company, uchaze uDumke njengethalente eliyivelakancane.

“ULusanda ubengaphezu kukakaputeni, ubeyikho konke kwiDaisies. Kuyamangalisa akuzuzile eneminyaka engu-29. Ukunqoba izicoco ezintathu zilandelana neqembu yinto enkulu,” kusho uManana.

"Impi yakhe nomdlavuza ikhombise ukuqina esijwayele ukukubona enkundleni, ulwe kwaze kwaba sekugcineni. Uyohlezi ekhunjulwa embhoxweni wabesifazane eNingizimu Afrika."