UMDLALI wamaBhokobhoko esifazane odabuka eLamontville, uSinothile Bhengu.
Image: SITHUNYELWE
UZIMISELE ukusebenzisa umbhoxo ukugqugquzela amantombazane akuleli uSinothile Bhengu odabuka eLamontville, eThekwini.
UBhengu (21), udlale okokuqala kumaBhokobhoko esifazane kulo nyaka ngesikhathi enqoba isicoco seRugby Africa Women’s Cup ngoJuni e-Antananarivo, eMadagascar, lapho ehlule khona osokhaya, iKenya ne-Uganda.
Lo mdlali oyibamba phambili kwi-tighthead prop akagcini ngokusebenzisa amandla akhe enkundleni yombhoxo kodwa uyakwazisa nokubaluleka kwemfundo.
Wenza izifundo zobuthishela (Bachelor of Education) eVarsity College, eDurban North, lapho eseklonyeliswe khona ngendondo yeSportswoman of the Year iminyaka emithathu ilandelana.
“Ngiyazifela ngemfundo nezemidlalo. Ngizinikele futhi ngizimisele ngokudlondlobala njengomdlali nanjengothisha wakusasa,” kusho uBhengu.
“Njengomuntu wesifazane odlala ibhola lombhoxo okungigqugquzelayo yisifiso sokukhombisa ukuthi abantu besifazane bangenza ezibukwayo kunoma yini abayenzayo, okuhlanganisa nezemidlalo.”
USINOTHILE Bhengu uphinde adlalele iqembu labesifazane laKwaZulu-Natal, iSharks Ladies.
Image: HENRY RUTHERFORD
Le ntokazi edlalela iqembu labesifazane leSharks, iSharks Ladies, iyaziqhenya ngokuthi isize yafinyelela eqenjini lesizwe kodwa ayisoze yayikhohlwa imvelaphi yayo.
“Ukugqoka ijezi lamaBhokobhoko kuza nenselelo enkulu. Angimele mina kuphela kodwa ngimele nomphakathi engisuka kuwona, umndeni wami, nawo wonke amantombazane anamaphupho amakhulu,” kusho uBhengu.
“Ukuzikhandla kwami embhoxweni nakwezemfundo sekuthele izithelo ezinhle futhi kuyangikhuthaza ukuthi ngiphokophele phambili. Ukuqonda ukuthi kusho ukuthini ukuba ngumdlali ophinde abe ngumfundi kuyangisiza ukuthi ngihlezi nginomqondo ohluzekile. Izinto zami ngizihlela kusanesikhathi
UBhengu, owaqala kunobhutshuzwayo, usezakhele igama embhoxweni futhi kubukeka esaya kude nalo mdlalo.
Useke waba ngukaputeni wamaqembu ehlukene ombhoxo, ahlanganisa elaKwaZulu-Natal lika-Under-15, neleSharks lika-Under-16. Ulidlalele neleSharks lika-Under-18 nelamaBhokobhoko lika-Under-20.
Ubonge nomndeni wakhe ngeqhaza olibambile empilweni yakhe.
"Umndeni wami yiwona ongigqugquzela kakhulu. Ngangiyintombazane eyayinephupho lokudlalela iqembu lesizwe, ngakho-ke ngifuna ukukhombisa ukuthi kungafazeka konke uma uzikhandla futhi ukholwa,” kusho uBhengu.
USINOTHILE Bhengu ngesikhathi esadlalela iqembu elincane lamaBhokobhoko esifazane.
Image: SA RUGBY
Related Topics: