Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

AwaseMzansi e-netball aphinde aba ngompetha base-Afrika

Xolile Mpisane|Published

AMAQEMBU esizwe e-netball akuleli aphinde aphuma phambili kwi-Africa Netball Cup ebibanjelwe eMalawi.

Image: SITHUNYELWE

Amaqembu aseNingizimu Afrika e-netball aqhubekile nokukhonya kwizwekazi i-Afrika njengoba ephinde aba ngompetha be-Africa Netball Cup esongwe ngeSonto eLilongwe, eMalawi.

Womabili, elabesifazane nelabesilisa, angene kulo mqhudelwano ehlose ukuzovikela izicoco azinqobe ngonyaka odlule eSwakopmund, eNamibia.

AmaProteas esifazane aguqise i-Uganda ngo 56-34 kowamanqamu, aphinde aqeda umqhudelwano engasazi isibhaxu.

UKamogelo Maseko, obengomunye wabadlali abebegqamile umqhudelwano wonke, uqokwe njengomdlali ovelele kowamanqamu.

“I-Uganda ihlezi izonigijimisa enkundleni. Besazi ukuthi kufanele sibe namasu aqinilie futhi siwuqale ngomfutho umdlalo. Into ebesiyiqonda ngokuphelele wukuthi umdlalo sizowunqoba ngokulawula izinto eduze kwamapali,” kusho umqeqeshi wamaProteas esifazane, uJeny van Dyk.

“Kufanele ngiyibonge i-Uganda ngendlela edlale ngayo eyenze umdlalo wamanqamu waba sezingeni eliphezulu. Besihlose ukuhlanganisa okungenani amagoli angu-60 kodwa sangafinyelela kuleso sibalo. Okumqoka wukuthi siphinde saba ngompetha futhi.”

Khonamanjalo, iqembu labesilisa ivikele isicoco ngokuqumba phansi iZImbabwe ngo 40-29 kowamanqamu.

Nalo lize lawusonga umqhudelwano linganqotshwanga kanti emdlalweni wamanqamu umdlali ovelele kube nguSbongakonke Vava.