Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

URassie usehlelela iNdebe yoMhlaba ka-2027

Xolile Mpisane|Published

ASEZOHLANGANISA amakhanda alungiselele iNdebe yoMhlaba ka-2027 amaBhokobhoko njengoba esewazi amaqembu azobhekana nawo

Image: BACKPAGEPIX

UBONA imidlalo abazoyidlala ngonyaka ozayo izoba mqoka ekubekeni iqembu ezingeni abafuna libe kulona eNdebeni yoMhlaba ezodlalelwa e-Australia ngo-2027 umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus.

Iqembu lakuleli seliyawazi amaqembu elizobhekana nawo esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano kulandela ukuqhathwa kwamaqembu emcimbini obuseSydney, e-Australia, ngoLwesithathu.

AmaBhokobhoko afakwe kuPool B ne-Italy, Georgia neRomania. Ngaphandle kwalokho kuphinde kwavela ukuthi yimaphi amaqembu angagcina ehlangane nawo kweyomkhumulajezi.

Uma amaqoqo ehamba ngendlela okulindeleke ngayo, iqembu lika-Erasmus lingase libhekane nezimbangi zalo ezinkulu, iNew Zealand, kuma-quarterfinal eNdebeni yoMhlaba.

“Uma ubheka iqoqo lethu, sineGeorgia neRomania okungamaqembu anamandla, bese kuba ne-Italy engiyibona ithuthuka unyaka nonyaka. Ngicabanga ukuthi izofika eNdebeni yoMhlaba isibalwa namaqembu aphezulu emhlabeni. Sidlalile nayo kathathu kulo nyaka futhi sisazobhekana nayo ngonyaka ozayo,” kusho u-Erasmus.

“Ngeke ukuthole konke okufunayo uma kuqhathwa amaqembu ngakho-ke akukho engikhala ngakho. Sithole la maqembu esiwatholile, kufanele sikwamukele lokho, siqale ukuhlelela umqhudelwano.”

Ngonyaka ozayo amaBhokobhoko azodlala emqhudelwaneni omusha, iWorld Rugby Nations Cup, lapho ezobhekana khona ne-England, Scotland neWales ngoJulayi. Emuva kwalokho azotholana phezulu ne-Italy, France ne-Ireland ngoNovemba.

Lowo mqhudelwano uzobe usudlulela esigabeni somkhumulajezi kuze kuphume ompetha.

Phakathi kwaleyo midlalo azoba nochungechunge olukhethekile olwaziwa ngeGreatest Rivalry lapho ezodlala khona imidlalo emine neNew Zealand ngo-Agasti nangoSepthemba.

U-Erasmus ukholwa wukuthi ukuqina kwale midlalo kuzokwenza iqembu lakhe lifike eNdebeni yoMhlaba selivuthiwe.

“Sizama ukwakha iqembu elinganqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2027. Singafika eNdebeni yoMhlaba singaselona iqembu elisatshwayo uma singaba nonyaka omubi ngo-2026. Sinemidlalo yeGreatest Rivalry kanye neNations Cup esizobe siqala ukudlala kuyona,” kusho u-Erasmus.

“Mhlawumbe kozozwakala kabi kodwa kufanele sazi ukuthi yini esiyihlosile ngonyaka ozayo. Singathanda ukuyinqoba yonke imidlalo kodwa kungaba yinhlekelele yini uma singayinqobi iNations Cup? 

“Angifuni sikubeke eqhulwini ukunqoba lo mqhudelwano bese sifika eNdebeni yoMhlaba singekho esimeni esifanele. Sisalelwe yizinyanga ezingu-18 ngaphambi kweNdebe yoMhlaba futhi yilokho esidinga ukugxila kukhona.”

Kulo nyaka amaBhokobhoko asebenzise abadlali abangu-50 nokungenzeka ukuthi u-Erasmus aphinde abanike amathuba ngonyaka ozayo ukuze afike kweyoMhlaba enenqwaba yabadlali asebedlale namaqembu ahamba phambili emhlabeni.