Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UNdlovu ubhoboka ngobuhlungu bokuzitshwa kwiBafana

Sibusiso Mdlalose|Published

USIYANDA Ndlovu weLamontville Golden Arrows ukholwa wukuthi sizofika isikhathi sakhe sokubizwa kwiBafana Bafana

Image: BACKPAGEPIX

UMDLALI wasophondweni lwesokudla kwiLamontville Golden Arrows, uSiyanda “Skhwishi” Ndlovu, usephumele obala ngokuphatheka kabi kwakhe ngokuzitshwa eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, anesifiso esikhulu sokuba yingxenye yalo. 

Ngeledlule umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, umemezele isikwati sabadlali abangu-25 abazoyibamba emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) ozoqala ngoDisemba 21 usongwe ngoJanuwari 18, eMorocco. 

UNdlovu (22) okuyisizini yakhe yesithathu le edlala esigabeni esikhokhelayo kulandela ukukhushulelwa esikimini esikhulu se-Arrows ngesizini ka-2023/2024 esuka kweseDStv Diski Challenge, ngomunye wabadlali abashaya into ecokeme kuleli qembu elifinyelele kowandulela owamanqamu eCarling Knockout. 

Ukudlala kahle kwakhe kwenze umqeqeshi we-Arrows, uManqoba Mngqithi, waphumela obala ngo-Okthoba ngokuthi ungomunye wabadlali abakufanele ukuba seqenjini lesizwe ngenxa yekhono lakhe elingandile nokusebenza ngokuzikhandla. 

UNdlovu odabuka eMphongolweni, eDannhauser, ukhale wemuka nemiklomelo emibili yePlayer of the Month, neGoal of the Month yenyanga kaSepthemba no-Okthoba. 

Igoli alishaye ngo-Okthoba 22 elalalisa uyaca kubadlali basemuva beStellenbosch ngaphambi kokulibhajiswa ezintanjeni iGolden Arrows idlala neStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership, yilo elenze wahlabana ngomklomelo weGoal of the Month ewubanga noJaisen Clifford noThabang Masuludi wePolokwane City.

“Ngiyafisa kakhulu ukuba yingxenye yeqembu lesizwe iBafana Bafana. Ngakho kungiphatha kabi ukungabizwa kwami ngoba ngicabanga ukuthi ngendlela engisebenza ngayo kungifanele ukunikwa ithuba lokuziveza ukuthi yini engingayenzela iqembu lami lesizwe. 

Kodwa-ke noma kunjalo ithemba lisekhona, ngikholwa wukuthi isikhathi sami sizofika. Kumele ngiqhubeke ngiphushe kakhulu kunakuqala, ngigcine ngisifezile lesi sifiso sami seminyaka,” kusho uNdlovu osashaye amagoli amathathu waba ngumvusi wenyamazane kwamahlanu emidlalweni engu-17 kule sizini. 

“Nokho, umqeqeshi wami, uMngqithi, ungiqinisa idolo njengoba ehlezi esho kimi ukuthi angiqhubeke ekwenzeni kahle ngisebenze kanzima, ngizolithola ithuba lami.”

Abafana Bes’thende okuyiwe ekhefini le-Afcon besendaweni yeshumi kwi-log yePremiership, bazobuyela ensimini ngemuva kwekhefu ngomdlalo wasekuhambeni neKaizer Chiefs ngoJanuwari 20 eFNB Stadium, eNasrec.