Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Isicacile indlela yamaBhokobhoko kweyoMhlaba ka-2027

Xolile Mpisane|Published

UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, usezoziqinisa izinhlelo zeNdebe yoMhlaba ka-2027 kulandela ukuqhathwa kwamaqembu

Image: BACKPAGEPIX

SEKUSOBALA ukuthi yikuphi okufanele kwenziwe ngamaBhokobhoko eNdebeni yoMhlaba ezoba se-Australia ngo-2027 ukuze aphinde avikele isicoco sawo njengoba esewazi amaqembu azobhekana nawo kulo mqhudelwano.

Amaqembu angu-24 azoba yingxenye yalo mqhudelwano aqhathiwe emcimbini obuseSydney, e-Australia.

AmaBhokobhoko, adle isicoco eJapan ngo-2019 aphinde asivikela eFrance ngo-2023, azoqala umqhudelwano ozayo kuPool B lapho ezogadulisana khona ne-Italy, Georgia neRomania.

Aseke ahlangana nalawa maqembu eNdebeni yoMhlaba phambilini, awanqoba wonke. Abhekana neRomania ngo-1995 nango-1999, iGeorgia ngo-2003 ne-Italy ngo-2019.

Osokhaya, i-Australia, bakuPool B lapho beqhathwe khona nomakhelwane iNew Zealand, Chile neHong Kong China.

KuPool C kukhona i-Argentina, Fiji, Spain neCanada, kuPool D kuboshelwe i-Ireland, Scotland, Uruguay nePortugal.

UPool E uthathwa njengeqoqo okungeke kube lula ukuqagela ukuthi yimaphi amaqembu azodlula kulona phakathi kweFrance, Japan, United States neSamoa. KuPool D kuhlanganiswe i-England, Wales, Tonga neZimbabwe.

Amaqembu amabili azoqeda phezulu eqoqweni ngalinye azodlulela kwi-Last 16, ehambisana namane azolala isithathu ngamaphuzu angcono.

Uma iNew Zealand namaBhokobhoko bephuma phambili emaqoqweni abo njengoba kulindelekile, baphinde bayinqobe imidlalo yabo ye-Last 16, bazobe sebetholana phezulu kuma-quarterfinal.

La maqembu yiwona adudulana kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba yango-2023, kwanqoba amaBhokobhoko ngo 12-11.

Iqembu lakuleli liphethe irekhodi lokuba yiqembu lokuqala elibe ngompetha bomhlaba embhoxweni amahlandla amane, kanti lingaphinda liqophe omunye umlando ngokuthatha le ndebe okwesihlanu.

Khonamanjalo, iSouth African Rugby Union (Saru) imemezele ukuthi yelule inkontileka ka-Erasumus ngeminyaka emine njengoba ibizophela ngemuva kweNdebe yoMhlaba ka-2027. Lokhu kusho ukuthi isizophela ngo-2031.