Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Asibathembisanga isicoco abalandeli: oweChiefs

Sibusiso Mdlalose|Published

UBEN Youssef Khalil ongumqeqeshi osabambile kwiKaizer Chiefs ubona kungafanele bafakelwe ingcindezi yezicoco kule sizini phezu kokuba besenza kahle uma kuqhathaniswa nesizini edlule

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uBen Youssef Khalil, umile ekutheni leli qembu libe nenqubekela phambili kule sizini uma kuqhathaniswa nedlule kodwa ubona kuseva ngengcindezi efakwa ngabalandeli ngezinye izicoco. 

UKhalil ukusho lokhu ngemuva kokuba iChiefs idlale ngokulingana ngo 0-0 neChippa United  koweBetway Premiership ngoLwesithathu eNelson Mandela Bay, eGqeberha.

Nakuba Amakhosi engabuyanga namaphuzu aphelele koweChippa kodwa ukuthola iphuzu kusho ukuthi emidlalweni emihlanu yakamuva yePremiership isiqoqe ayisishiyagalolunye.

Isendaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu angu-23. Isele ngamahlanu kwi-Orlando Pirates esesicongweni ngawu-28.

“Kunzima ukusho njengamanje ukuthi usihambele kanjani unyaka u-2025. Kodwa ngicabanga ukuthi senze kahle kakhulu kwiNedbank Cup, sayiwina. 

Emidlalweni yeligi asenzanga kahle njengoba singangenanga kwi-MTN8.

Kule sizini siqale kahle kakhulu, yize silahle amaphuzu amaningi. Kodwa uma ngiqhathaniswa nesizini edlule, senze kangcono kakhulu,” kusho uKhalil ephendula umbuzo wabezindaba wokuthi angawuchaza njengonyaka obenjani u-2025 kuleli qembu laseSoweto. 

“Ngemuva kweminyaka eyisithupha ungadlali emqhudelwaneni weCaf, igxathu lokuqala elokuthi ufinyelele esigabeni samaqoqo, okuyinto esesikwazile ukuyenza. 

Okulandelayo wukuthatha umdlalo ngamunye ngoba asifuni ukuzifakela ingcindezi. 

Mhlawumbe sesikhulume kakhulu ngabadlali esibasayinisile kodwa okufanele sikwazi wukuthi kuyo yonke imidlalo esisayidlalile kule sizini siyidlale ngeningi labadlali ebesidlala ngalo ngesizini edlule. Ngakho sizoqhubeka silwe." 

“Siyazi ukuthi njengoba senza kahle manje kwiPSL abalandeli bazoqala bakhulume ngokuwina isicoco kodwa asibathembisanga isicoco (ekuqaleni kwesizini). 

Yebo kuyiqiniso ukuthi siyiqembu elikhulu, ngaso sonke isikhathi sidlalela isicoco kodwa futhi kufanele sicabange ngendlela ephusile singazitsheli ukuthi singadlala isizini eyodwa bese sinqoba isicoco seCaf ekubeni sesiside isikhathi sagcina ukudlala kulo mqhudelwano.

Ngokufanayo kwiPSL siqede isizini edlule sisendaweni yesishiyagalolunye ngakho kumele silwele ukuqeda phakathi kwamaqembu amane aphezulu.

Nokho uma livela ithuba lokuthi silwele ukuwina isicoco noma esisodwa kule sizini, sizolwa. Kodwa okumqoka wukuqhubeka nokwakha ngaphandle kokuzifakela ingcindezi enkulu.”