Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Uwafawafa kumaProteas ne-India kweye-ODI

Xolile Mpisane|Published

X / PROTEAS MEN UKAPUTENI wamaProteas uTemba Bavuma ongase aqukule enye indebe e-India kusasa.

Image: BACKPAGEPIX

UMDLALO wokugcina wochungechunge lwama-One Day International phakathi kweqembu lakuleli labesilisa lekhilikithi nelase-India yiwona ozocacisa ukuthi yiliphi elizodla umhlanganiso.

La maqembu azongena kulo mdlalo ozoqala ngoLwesihlanu ngo-10 ekuseni e-ACA-VDCA Stadium, edolobheni iVisakhapatnam, e-India, ebambene ngo 1-1 kuloluchungenchunge.

IIndia inqobe umdlalo wokuqala ngama-run angu-17 ngeSonto, amaProteas athatha owesibili ngamawikhethi amane ngoLwesithathu.

Kowokuqala i-India yabhetha kuqala yathola ama-run angu-349, iqembu lakuleli lakhishwa lonke lisashaye angu-332.

Emdlalweni wesibili i-India ihlanganise ama-run angu-358 kodwa kulokhu amaProteas akwazi ukufinyelela kuma-run angu-362, awunqoba umdlalo.

“Ukuhlanganisa ama-run amaningi kangaka sinengcindezi kusinike ithemba elikhulu. Kuzokwenza sihlale sikhumbula uma sibhekana nesimo esifanayo ukuthi sesake sakwenza lokhu phambilini futhi singakuphinda,” kusho umdlali wamaProteas u-Aiden Markram oshaye ama-run angu-110 emabholeni angu-98 emdlalweni wesibili.

“Besibhekene neqembu elisezingeni eliphezulu kakhulu, lidlalela enkundleni eliyijwayele, ngakho-ke sikubona kuyinto enkulu esikwenzile nokusibeke ethubeni lokunqoba lolu chungechunge.”

UMarkram uthe bayafisa ukuqhubeka lapho begcine khona kusasa ukuze babuye nayo indebe, kwazise sebelunqibile nochungechunge lwe-Test, kodwa okusemqoka ukuthi iqembu lifunde izifundo ezizolisiza eNdebeni yoMhlaba yama-ODI ezobanjelwa kuleli, eNamibia naseZimbabwe ngo-2027.

“Ukunqoba umdlalo onzima kangaka kwandisa injabulo nokubumbana eqenjini. Kuningi esisadinga ukukufunda ukuze sithuthuke emdlalweni olandelayo. Yilokho esizobonisana ngakho ngaphambi komdlalo waseVisakhapatnam,” kusho uMarkram.

“Yize sifuna ukulunqoba lolu chungechunge kodwa into esiyibheke kakhulu iNdebe yomhlaba ka-2027. Sibheke ukuqhubeka nokukhuphula izinga, singaphazamiseki ezinhlelweni zethu. Zizodlalela ukuwunqoba umdlalo kodwa esifuna ukukubona kakhulu ukukhula kweqembu.”

Uchungechunge lwama-ODI luzolandelwa olwemidlalo emihlanu ye-T20 oluzoqala ngoLwesibili.