Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

IDurban City isimkhombe indlela uHunt

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI uGavin Hunt osekhonjwe indlela yiDurban City ngenxa yokugqoza kwemiphumela kwakamuva kuleli qembu ebeliyiqale kahle isizini yeBetway Premiership

Image: BACKPAGEPIX

IBHANTSHI seligcwale umoya kumqeqeshi weDurban City, uGavin Hunt, ngemuva komhlangano ophuthumayo nabaphathi beqembu ngenxa yokugqoza kwemiphumela kwakamuva kuleli qembu ebeliyiqale kahle le sizini. 

Ukushiya kukaHunt kuqinisekiswe yilo leli qembu esitatimendeni elisithumelele abezindaba izolo ntambama. Kwenzeke lokho isivele isabalele imibiko yokuhlukana kwaleli qembu nalo mqeqeshi osengumakadebona.

Ngokwesitatimende, isinqumo sithathwe ngemuva kokuhlangana kwebhodi labaqondisi beqembu naye uHunt, kwabe sekuvunyelwana ngokuthi kuhlukane izindlela. 

“Lesi kube yisinqumo okufinyelelwe kuso ngokubheka izidingo zeqembu. Siyambonga uGavin ngamagalelo nokuzinikela kwakhe ngesikhathi eseyingxenye yeqembu, simfisela impumelelo emsebenzini azowenza ngomuso.

Ibhodi yeqembu ikholwa wukuthi kunesidingo sokuthi kuthathe igxathu elisha ekufezekiseni imigomo yeqembu,” kusho usihlalo weCity, uFarook Kadodia esitatimendeni. 

Ngokusho kwalesi sitatimende uPitso Dladla obeyiphini likaHunt nguyena ozoba yibamba nozobe ehola leli qembu emdlalweni wayo weBetway Premiership ne-Orbit College e-Olympia Park, eRustenburg, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku. 

ICity ishaywe yi-Orlando Pirates ngo 2-0 emdlalweni wePremiership obungoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium. Emidlalweni emihlanu yakamuva, ikhombise ukwehluleka ukubamba umgqigqo owodwa njengoba ihlulwe kwemithathu, yanqoba owodwa yadlala ngokulingana kowodwa. Isendaweni yesishiyagalombili kwi-log yePremiership.

UHunt uthathe izintambo zokuqeqesha leli qembu laseThekwini ngaphambi kokuqala kwesizini emuva kokuxoshwa kukaSimo Dladla obelikhuphulele kwiPremiership ngokudla isicoco seMotsepe Foundation Championship.

Ukuxoshwa kwakhe kulandela ukushiya kuka-Ersnt Middendorp ngo-Okthoba, obeyi-technical director kuleli qembu nofike ngasikhathi sinye noHunt ekujoyineni ithimba labaqeqeshi.