ISIKHWISHIKHWISHI samaBhokobhoko uCobus Reinach (ophambili) sizodlala umdlalo ka-50 eqenjini lesizwe uma selibhekene neWales.
Image: BACKPAGEPIX
UBOPHELE iqembu eliqinile elizodlala umdlalo wokugcina wonyaka neWales ngoMgqibelo phezu kokulahlekelwa ngabadlali abamqoka umqeqeshi wamaBhokobhoko uRassie Erasmus.
Lo mdlalo ozobanjelwa ePrincipality Stadium, eCardiff, uzoqala ngo-5.10 ntambama.
U-Erasmus wenze izinguquko eziyisishiyagalolunye eqenjini eliqale ngesikhathi benqoba i-Ireland ngo 24-13 eDublin ngesonto eledlule.
Njengoba lo mdlalo uwela ngaphandle kwewindi lemidlalo yamazwe ngamazwe, baningi abadlali asebebuyele emaqenjini abo.
Kubona kubalwa izethenjwa ezifana noMalcolm Marx, Thomas du Toit, RG Snyman, Pieter-Steph du Toit, Handré Pollard, Jesse Kriel, Cheslin Kolbe nabanye.
Nakuba zikhona lezi zinselelo, u-Erasmus uthe ujabule ngesikwati asihlanganisile.
“Besazi zisuka nje ukuthi sizolahlekelwa ngabadlali kulo mdlalo futhi sijabule ngezinga leqembu esiliqokile,” usho kanje.
“Womabili amaqembu asesimweni esifanayo kodwa iWales nayo ikwazile ukubophela iqembu eliqinile elinabadlali abambalwa asebemnkantshubomvu nabasebancane abazobe befuna ukuzibonakalisa.
"Ngakho-ke, silindele ukuthi balwe ngayo yonke indlela. Lona wumdlalo wokugcina wonyaka kuwona womabili amaqembu. Akungabazeki ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuqeda isizini yabo ngegiya eliphezulu futhi bazame ukuthuthukisa indawo abakleliswe kuyona emhlabeni njengoba ngesonto elizayo kuzoqhathwa amaqembu azodlala eNdebeni yoMhlaba.”
Abaqalile ngempelasonto edlule abazigcinile izindawo zabo nguRuan Nortje, ukaputeni uSiya Kolisi, Jasper Wiese, Sacha Feinberg-Mngomezulu, Canan Moodie, Damian de Allende noDamian Willemse.
Ibhentshi ligqishe ngezikhondlakhondla ezidlala phambili, uBongi Mbonambi, Zachary Porthen Asenathi Ntlabakanye, Eben Etzebeth, Marco van Staden, Ben-Jason Dixon, Kwagga Smith, nomdlali oyedwa wasemuva, uCobus Reinach.
UReinach uzodlala umdlalo ka-50 eqenjini lesizwe futhi u-Erasmus umhalalisele ngokufika kulesi sigaba.
"UCobus ungumdlali osebenzela iqembu. Ube ngumdlali ovelele kithina kule sizini futhi ukumbona efinyelela kulesi sibalo semidlalo eneminyaka engu-35 kwenza kukhetheke kakhulu,” usho kanje.
U-Erasmus uqhube wathi ujabule ngokuthi amaBhokobhoko asebenzise abadlali abangu-49 kule sizini, okukhombisa ukukhula kwesikwati ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ka-2027.
Related Topics: