Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

USeema ubeyibona eyokusala kukaMobbie esikwatini sikaBroos

Sibusiso Mdlalose|Published

UMDLALI wasemuva kwiSiwelele FC, uNyiko Mobbie, umqeqeshi waleli qembu okholwa wukuthi asemancane kakhulu amathuba okuthi abe yingxenye yeqembu lesizwe iBafana Bafana elizodlala kowe-Africa Cup of Nations eMorocco

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weSiwelele FC, uLehlohonolo Seema, ubevele eselilahlile ithemba ngokuba  yingxenye yeqembu lesizwe leBafana Bafana kwesethenjwa somdlali wakhe wasemuva, uNyiko Mobbie, ongaqokwanga esikwatini okuzokhethwa kuso esizobhekisa amabombo kowe-Africa Cup of Nations (Afcon), eMorococo. 

UMobbie (31) oyiqongqotha emuva kwesokudla, ungomunye wabadlali akholelwa kubo  umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ngisho nalapho abanye abalandeli bebhola baseMzansi beshaya amakhala ngokuqokwa kwakhe.

Nokho igama lakhe belingekho esikwatini sabadlali abangu-54 uBroos azohlunga kuso esizodlala kwi-Afcon.  

UMobbie ulimale esebiziwe esikwatini seBafana ebesizodlala neNigeria kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ngoSepthemba, indawo yakhe yathathwa uThabiso Monyane. 

Udlale okokuqala esuka ebhentshini ngesikhathi iSiwelele iguqiswa ngo 2-0 ngaMaZulu FC ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

“Kuyishwa ukulimala kwakhe ngale ndlela alimala ngayo kwaze kwadingeka ahlinzwe kodwa futhi kuyangijabulisa ukubuya kwakhe nokusebenza kwakhe kanzima njengoba edlalile imizuzu embalwa ngesiwombe sesibili. Ukubuya komdlali onjengaye onamava kungiqinisa idolo ngoba ungomunye wabadlali bethu abamqoka esibadingayo eqenjini. Ukubuya kwakhe kuzokwenza umehluko yize noma bekhona abadlali abebenza kahle esalimele abanjengoMfolozi (Yandisa),” kusho uSeema.

"Ngakho-ke ukubuya kwakhe kusho uzinzo kwiSiwelele ngoba inemidlalo emqoka esazoyidlala. OkweBafana ne-Afcon sekungaba yibhonasi kuNyiko.”

UMobbie obanga indawo noKhuliso Mudau kwesokudla odongeni lwasemuva lweBafana, ubekhona eqenjini leBafana elidlale kwi-Afcon e-Ivory Coast nyakenye, lapho libuye khona nendondo yethusi liqeda endaweni yesithathu.

IBafana ekleliswe ne-Egypt, Angola neZimbabwe kuGroup B we-Afcon, izovula ne-Angola ngoDisemba 22, kulo mqhulwano ozosongwa ngoJanuwari 18.