Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Kumqoka kwiChiefs ukuhamba ibanga kwiConfed Cup: Mayo

Sibusiso Mdlalose|Published

UMGADLI weKaizer Chiefs, uGlody Lilepo, ongomunye wabadlali abamqoka leli qembu elithembele kubona ekwenzeni izinto zenzeke emqhudelwaneni weCaf Confederation Cup

Image: BACKPAGEPIX

OWAYENGUMGADLI weKaizer Chiefs, uPatrick Mayo, ubona kusemqoka ukuthi leli qembu lihambe ibanga elide kwiCaf Confederation Cup ukuze lizobuyisa isithunzi emiqhudelwaneni yase-Afrika. 

IChiefs ingelinye lamaqembu amabili aseNingizimu Afrika - elinye yiStellenbosch FC - asayibambe kwiConfederation Cup. 

Izodudulana ne-Al Masry yase-Egypt eNew Suez Stadium, eSuez, e-Egypt, ngeSonto ngo-6 ntambama, emdlalweni wokuqala wesigaba samaqoqo. 

“Ukwenza kahle kwamaqembu aseMzansi emiqhudelwaneni yeCaf kufanele nakanjani kube yisikhuthazi nakuyo iChiefs ekwenzeni okufanayo.

"Kodwa njengoba nayo iChiefs ngenkathi igcina ukudlala emqhudelwaneni weCaf, iChampions League, yahamba yaze yafinyelela kowamanqamu. Lokho kufanele ikuthathe njengesikhuthazi sokwenza okufanayo nakule sizini,” kusho uMayo.

“Uma ubheka iqembu elinjengeStellenbosch FC elingenabo abadlali abanamagama kangako uma kuqhathaniswa neChiefs kodwa lakwazi ukufinyelela kowandulela owamanqamu eConfederation Cup ngesizini edlule. Kufanele nakanjani lokhu kuyifake ugqozi nayo (iChiefs) ekwenzeni okufanayo ngisho nangaphezulu kwalokho.

"Ukuba nesikwati sabadlali abanamava okudlala emiqhudelwaneni yeCaf abanjengoPaseko Mako, Thabiso Monyane noLebohang Maboe, kufanele kube ngukhiye kubona ekuhambeni ibanga kulo mqhudelwano weConfederation Cup.

"Nokho, indlela abadlale ngayo emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela isigaba samaqoqo kukhombisile ukuthi bazimisele ngokwenza kahle kulo mqhudelwano.”

Amakhosi afinyelele esigabeni samaqoqo ngokuguqisa ngo 3-1 iSimba yaseDemocratic Republic of Congo. 

Ngesizini ka-2013/14 neka-2017/18, Amakhosi aphume kwi-Last 16 yeChampions League kodwa akwazi ukukhipha amangwevu ngeka-2020/21, lapho eguqiswe khona ngo 3-0 yi-Al Ahly yase-Egypt, kowamanqamu eChampions League ngaphansi kwesandla somqeqeshi, uStuart Baxter. 

IziMpofana zawudla umhlanganiso kwiConfederation Cup ngesizini ka-2000/2001, ngokuguqisa i-Interclube yase-Angola ngo 2-1 kowamanqamu.