Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

AmaBokke ngeke athuswe amakhadi abomvu: Etzebeth

Xolile Mpisane|Published

ABADLALI bamaBhokobhoko uSiya Kolisi, RG Snyman no-Eben Etzebeth.

Image: BACKPAGEPIX

UKUTHOLA amakhadi abomvu esiwombeni sokuqala imidlalo emibili ilandelana ngeke kushintshe indlela iqembu elizodlala ngayo emidlalweni esele yohambo lwaphesheya ngokusho kukamakadebona wamaBhokobhoko, u-Eben Etzebeth.

Iqembu lakuleli lizodudulana ne-Ireland e-Aviva Stadium eDublin, ngoMgqibelo ngo-7.40 ebusuku, emdlalweni wesine kweyokusonga unyaka.

Liye ekhefini selishoda ngesikhathi linqoba iFrance ngo 32-17 emasontweni amabili adlule, kulandela ukukhishwa kukaLood de Jager ngekhadi elibomvu.

Kwenzeke okufanayo nasemdlalweni wakamuva eguqisa i-Italy ngo 32-14, lapho kukhishwe khona uFranco Mostert ngomzuzu ka-11.

Bobabili la badlali abagijima kwi-lock, basolwe ngokumaka ngendlela engekho emthethweni.

U-Etzebeth, osedlale imidlalo engu-139 eqenjini lesizwe, uthe bazoqhubeka nokudlala ngendlela iqembu elaziwa ngayo, ngaphansi kwemithetho yomdlalo.

"Angicabangi ukuthi kuzowuphazamisa umdlalo wethu. Okumele sikuqaphele wukuthi sehle uma umdlali esimumakayo naye ehla, singazitholi sesishayisa izimbangi ngasekhanda. Mina ngizoqhubeka nokudlala ngendlela ejwayelekile futhi ngicabanga ukuthi nabanye esiyibamba nabo kwi-lock bazokwenza okufanayo,” kusho u-Etzebeth. 

AmaBhokobhoko asalinde izinqumo ze-World Rugby mayelana noDe Jager noMostert. UDe Jager ufake isikhalo ngokumiswa kwakhe amasonto amane, kanti isinqumo ngecala likaMostert kubhekwe ukuthi siphume namuhla.

Uma bobabili bengeke bakwazi ukubhekana ne-Ireland ngempelasonto, u-Etzebeth ukholelwa ekutheni bakhona abanye abadlali abakulungele ukuqala endaweni ye-lock.

"Ngenhlanhla uRassie uqoke abadlali abayisithupha abakwaziyo ukudlala kwi-lock. Asazi ukuthi kuzokwenzekani ngoLood noFranco kodwa ngikhona mina, kanjalo noJean Kleyn, Ruan Nortje, RG Snyman kanye noPieter-Steph du Toit benoBen-Jason Dixon, abajwayele ukudlala kwi-looseforward kodwa abangakwazi ukuvala kwi-lock."

AmaBhokobhoko agcina ukunqoba i-Ireland eDublin, ngo-2012. I-Ireland inqobe imidlalo emine kwemihlanu yakamuva phakathi kwabo, okuhlanganisa nabagcine ukuwudlala eThekwini ngoJulayi, nyakenye.

"Angiyena umuntu odinga ukubuyela emuva ukuze ngigqugquzeleke. Umdlalo nomdlalo ne-Ireland uyinselelo ehluke ngokuphelele. Kuningi okushintshayo emdlalweni wombhoxo,” kusho u-Etzebeth.

"I-Ireland iyiqembu elisezingeni eliphezulu. Sekuhambe iminyaka emithathu iyiqembu eliyingozi kakhulu. Ngiwubheke ngabomvu lo mdlalo. Akekho kuleli qembu oke azizwe ephephile. Sizibophezela ngokuphelele uma sizilolonga futhi sizimisela ngokugcwele noma ngabe silungiselela liphi iqembu.”

Umqeqeshi, uRassie Erasmus, uzolimemezela kusasa iqembu elizodudulana ne-Ireland ngoMgqibelo.