Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UThabede ushumayela elokusebenza kusakhanya kwaboSuthu

Published

UMDLALI wasesiswini kuMaZulu FC, uBayanda Thabede, obona kusemqoka kubona ukuthi babuye namaphuzu emidlalweni emithathu ebasalele ngaphambi kwekhefu le-Africa Cup of Nations

Image: BACKPAGEPIX

UMDLALI wasesiswini kuMaZulu FC, uBayanda Thabede, uqhakambisa ubumqoka bokuphumula sebesebenzile njengoba imidlalo yeBetway Premiership izomiswa ngenxa yomqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon). 

AmaZulu okuyiwe ekhefini leFifa esendaweni yesithupha kwi-log yePremiership, abuyela ensimini ngomdlalo wasekhaya neSiwelele FC ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngemuva kwalo mdlalo, azogijimisana nabakhaya iRichards Bay FC ngoNovemba 28, ngaphambi kokuvala unyaka ngeLamontville Golden Arrows ngoDisemba 3.

"Indawo esikuyona njengamanje kwi-log isinika ithemba lokuthi uma singakwazi ukubuya namaphuzu kule midlalo emithathu esisalele ngaphambi kwekhefu le-Afcon, singakwazi ukuya ekhefini sisendaweni engcono. Noma kuyimidlalo ebukeka ingelula kodwa kubalulekile ukuthi silwele ukubuya namaphuzu kule midlalo," kusho uThabede odabuka KwaMashu, eThekwini.

"Njengoba sesiqeda umzuliswano wokuqala wesizini, lokho kusho ukuthi sekuzoqala ukushuba, alikho iqembu elizozithambisa. Ngakho sidinga ukuqoqa amaphuzu kusakhanya."

UThabede (18) owasayina kuMaZulu esuka kwiKZN Academy, yisizini yakhe yesibili ekhushulelwe esikimini esikhulu soSuthu esuka eqenjini elincane elidlala kwiDStv Diski Challenge. Ungomunye wabadlali abasebancane leli qembu elakhela phezu kwabo njengoba lisembhidlangweni wokubumba inqanawe yeqembu elizolwela izicoco njengokusho kukasihlalo walo, uSandile Zungu. Usadlale imidlalo eyisihlanu yeligi nowodwa womkhumulajezi kule sizini.

"Ngizimisele kakhulu ngokukhula njengomdlali webhola elikhokhelayo njengoba le kuyisizini yami yesibili ngidlala esigabeni sePrimiership. Ukunikwa kwami ithuba ngumqeqeshi u-Arthur (Zwane) kuyangikhuthaza kakhulu ngoba kukhombisa ukuthi uyakholelwa kimi. Sekusele kimina ukuthi ngikhombise ukuthi ngikufanele ukunikwa ithuba nokukhula njengomdlali," kusho uThabede odlala esinhlangothini.

Imidlalo yeBetway Premiership:

NgoMgqibelo:

AmaZulu FC v Siwelele FC (Moses Mabhida Stadium, 3.30pm);  Marumo Gallants v Sekhukhune United (Dr Molemela Stadium, 6pm); Orbit College v Stellenbosch FC (Olympia Park, 8.15pm);.

NgeSonto:

TS Galaxy v Lamontville Golden Arrows (Mbombela Stasdium, 3.30pm);  Richards Bay FC v Durban City (Umhlathuze Sports Complex, 6pm).

NgoMsombuluko:

Orlando Pirates v Chippa United (Orlando Stadium, 7.30pm); Polokwane City v Mamelodi Sundowns (Old Peter Mokaba Stadium, 7.30pm).