U-HANDRE Pollard uyena ozobe elawula umdlalo uma amaBhokobhoko esebhekene ne-Italy.
Image: BACKPAGEPIX
AKAYIGQIZI qakala eyokunconywa kweqembu lakhe umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, njengoba ekholelwa ekutheni kufanele bagxile emsebenzini okufanele bawenze.
AmaBhokobhoko aguqise iFrance ngo 32-17 eStade de France, eSaint-Denis, ngoMgqibelo odlule, yize edlale isikhathi esiningi eshoda kulandela ukukhishwa kukaLood de Jager ngekhadi elibomvu esiwombeni sokuqala.
Abahlaziyi nabalandeli bombhoxo abawuvali umlomo ngezinga eliphezulu iqembu lakuleli elikulona ngisho lingafaka baphi abadlali enkundleni.
Ngesikhathi u-Erasmus ethatha izintambo ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ka-2019, amaBhokobhoko ayengahlonishwa ngenxa yemiphumela engemihle.
Ukunqoba iNdebe yoMhlaba kabili kulandelana nokuqhubeka nokugila izimanga enkundleni, sekwenze leli qembu lasatshwa wumhlaba wonke.
"Sikholelwa ekutheni kunamaqiniso amathathu. Kuneqiniso elicatshangwa yizimbangi zethu, kuneqiniso elicatshangwa abezindaba, abalandeli nabanye abantu abangaphandle, bese kuba neqiniso elicatshangwa yiqembu lethu. Sithanda ukugcina iqiniso lethu libe seduze kakhulu kuneqiniso langempela,” uchaze kanje u-Erasmus ebuzwa yiSolezwe ngokuthwalwa ngeqoma kweqembu lakhe.
“Asigxili kulokho okushiwa ngabanye abantu, kukubi noma kukuhle. Angikhulumi ngabantu baseNingizimu Afrika ngoba siyakukhathalela abakushoyo. Abantu akufanele bacabange ukuthi asikuboni okusezinkundleni zokuxhumana ngoba mina neningi labadlali siyakubona. Sifuna izwe lethu lijabule futhi liseseke njengoba sidlalela lona.
“Iqiniso wukuthi sihlaziya iqembu esizodlala nalo. Kwesinye isikhathi ungalalela umsindo ovela kwabanye abantu, besho izinto eziningi ezinhle kodwa uthi ungahlulwa kanye bese bethi kuphelile ngawe. Ngiyagcizelela futhi ukuthi angikhulumi ngabantu baseNingizimu Afrika uma ngisho lokho. Into esigxila kuyona yiqiniso lethu.”
AmaBhokobhoko azodlala umdlalo wesithathu wohambo lwaphesheya ne-Italy e-Allianz Arena, eTurin, kusasa ngo-2.40 ntambama.
U-Erasmus ulishintshile iqembu eliqale benqoba iFrance ngempelasonto edlule, wanika abadlali abaningi abasebasha amathuba kodwa bazolekelelwa abambalwa asebemnkantshubomvu okubalwa kubona ukaputeni uSiya Kolisi, uHandre Pollard nabanye.
Lo mdlalo uzolandelwa ngobhekwe ngabomvu abazowudlala ne-Ireland ngoNovemba 22 nowokusonga uhambo neWales ngoNovemba 29.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana ne-Italy:
Abazoqala: 15 Damian Willemse, 14 Edwill van der Merwe, 13 Canan Moodie, 12 Ethan Hooker, 11 Kurt-Lee Arendse, 10 Handre Pollard, 9 Morne van den Berg, 8 Marco van Staden, 7 Ben-Jason Dixon, 6 Siya Kolisi (ukaputeni), 5 Franco Mostert, 4 Jean Kleyn, 3 Zachary Porthen, 2 Johan Grobbelaar, 1 Boan Venter
Abasebhentshini: 16 Gerhard Steenekamp, 17 Wilco Louw, 18 RG Snyman, 19 Ruan Nortje, 20 Andre Esterhuizen, 21 Kwagga Smith, 22 Grant Williams, 23 Manie Libbok
Related Topics: