ABADLALI beHollywoodbets Dolphins, u-Anrich Nortje no-Andile Simelane.
Image: SITHUNYELWE
I-HOLLYWOODBETS Dolphins ibheke ukuqhubeka nefomu yayo eqinile uma isibhekene ne-Goldrush Boland kwi-CSA T20 Challenge eBoland Park, ePaarl, namuhla ngo-5 ntambama.
Womabili la maqembu awakahlulwa kuze kube manje kulo mqhudelwano. IBoland iqhwakele kwi-log ngenxa yokuyinqoba yomine imidlalo yayo.
IDolphins isendaweni yesithathu kulandela ukuqumba phansi iMothee Ram Tuskers, North West Dragons neDafabet Warriors emidlalweni esayidlalile.
Umqeqeshi weDolphins, uQuinton Friend, uthe iqembu lakhe lisesimweni esihle futhi lizimisele ngokugcina umgqigqo walo nakuba libuqonda ubunzima bokudlala ePaarl neqembu leBoland elishisayo kulezi zinsuku.
"Ngijabule kakhulu ngendlela umqhudelwano oqale ngayo. Abafana beza kahle. Kubalulekile ukuthi siqhubeke nomfutho njengoba siya emidlalweni emine yokugcina yamaqoqo," kusho u-Friend.
"Inkundla yaseBoland ijwayele ukusehlisa isivinini sebhola ngakho-ke kufanele sikulindele lokho. IBoland nayo iwuqale kahle lo mqhudelwano futhi idlala ikhilikithi esezingeni eliphezulu. Nathi kuzodingeka ukuthi siphinde silinyuse izinga.”
IDolphins ithole amaphuzu amabili engeziwe emidlalweni yawo emibili yakamuva. Izoqiniswa ukubuya kukaBryce Parsons, obeseqenjini leSouth Africa A ebelise-India.
"Besinabadlali abayisithupha eqenjini le-SA A kanye nabanye abambalwa abalimele, kwadingeka ukuba sithembele kubadlali abancane abakwazile ukukhombisa ukuthi bakulungele ukudlala kuleli zinga. Nabadlali bethu abadala bakwenzile ebesikudinga kubona,” uqhube kanje uFriend.
"Esikuzuzile kungenxa yeqembu lonkana. Ukuzimisela kwethu kube kuhle emidlalweni emithathu yokuqala. Sifuna ukuqhubeka nokugxila kithina nalokho okufanele sikwenze ukuze sinqobe izimbangi zethu."
Ngemuva komdlalo wanamuhla, iDolphins izovakashela eKapa, lapho izobhekana khona neWestern Province eNewlands Cricket Stadium, ngeSonto ngo-1.30 ntambama.
Related Topics: