Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UNgema uvuma eyokuphuma endleleni esekuMaZulu

Sibusiso Mdlalose|Published

UCELIMPILO Ngema weKruger United emakene noGabriel Amato weCape Town City emdlalweni weMotsepe Foundation Championship

Image: BACKPAGEPIX

UMDLALI wasesiswini kwiKruger United, uCelimpilo “Zidane” Ngema, uthembisa ukuliphathisa okwezikhali zamaNtungwa ithuba alinikezwe yileli qembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

UNgema (28) ojoyine iKruger ngaphambi kokuqala kwale sizini, ubengasenalo iqembu kusukela kunqanyulwe inkontileka yakhe isigubhukane naMaZulu FC ngezinsolo zokungaziphathi ngendlela efanele. Udlale amasizini amabili kuMaZulu awajoyine esuka kwiMarumo Gallants ngesizini ka-2023/2024, ethwelwe ngeqoma. Ungomunye wabadlali abasiza iGallants yahamba ibanga elide kwiCaf Confederation Cup ngesizini ka-2022/2023.

“Kusho lukhulu kimina ukuthola elinye ithuba esigabeni esikhokhelayo okuyingakho ngizimisele kakhulu ngokulibamba ngezandla zombili. 

"Ngiwenzile amaphutha (kuMaZulu) kodwa manje konke sengikudlulisile, ngafunda emaphutheni ami. Okusemqoka manje kimina kuwukugxila ngokuphelele ekusizeni leli qembu lami iKruger United ekwenzeni kahle kule sizini njengoba silwela ukuwina iligi sikhuphukele kwiBetway Premiership,” kusho uNgema. 

Lo mdlali odabuka eMelmoth owaqala ukudlala ibhola elikhokhelayo kuThongathi FC, uchaze ukuhlushwa wukulimala njengesizathu esiholele ekuweleni esilingweni samankwebevu. 

“Izinto azenzekanga ngendlela engangifisa ngayo kuMaZulu ngezimo ezingaphezu kwamandla ami kodwa imbangela enkulu kwaba wukuhlushwa kwami ukulimala nokushintsha kwabaqeqeshi.

"Ukuhlala kwami isikhathi eside ngingadlali bekungikhathaza emphefumulweni nasemqondweni. Ngigcine ngilingeka ekungaziphathini kahle, ngokuhamba izindawo zobumnandi kuze kweqe.”

IKruger egqishe ngabadlali abaningi abanamava okudlala kwiPremiership okubalwa kubona uWandisile Letlabika, Ebrahim Seedat, Morne Nel, Khethukuthula Ndlovu nabanye. 

Ngemuva kokulaxazwa ngumqeqeshi uVusumuzi Vilakazi ojoyine iChippa United ngo-Okthoba, iKruger ilande u-Abram Mongoya osuka kwi-Upington City. UMongoya ukhuza ibuya kuleli qembu okuyiwe ekhefini leFifa lisendaweni yesithathu kwi-log yeMotsepe Championship. 

“Ngicabanga ukuthi iqembu liyabadinga abadlali abanamava okudlala kwiPremiership njengoba silwela isicoco seligi. Njengoba sisenza kahle, sizimisele ngokulwela ukugcina umgqigqo esikuwona siye ekhefini le-Afcon sisendaweni enhle kwi-log.”