Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UMngqithi akabagxeki abe-Arrows ngeCarling

Sibusiso Mdlalose|Published

ABADLALI beLamontville Golden Arrows bejabulela elinye lamagoli ngesikhathi bebhekene neMarumo Gallants emdlalweni owandulela owamanqamu weCarling Knockout eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto

Image: BACKPAGEPIX

NGEMUVA kokukhishwa yiMarumo Gallants kowandulela owamanqamu eCarling Knockout, umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mngqithi, uphumele obala ngokuthi akezukukhwela adilike kubadlali bakhe ngokwehluleka kwabo ukufinyelelisa iqembu kowamanqamu. 

I-Arrows iguqiswe yiGallants ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi kowandulela owamanqamu ngeSonto eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. 

Ihlulwa kulo mdlalo nje iyona ethole inqwaba yamathuba okushaya amagoli kulo mdlalo kodwa yahluleka ukuwasebenzisa zagcina ziye kumaphenathi zibambene ngo 2-2.

Ukuphuma kwaBafana Bes’thende neRichards Bay FC kwiCarling Knockout kusho ukushabalala kwamathemba abathandi bebhola baKwaZulu-Natal ngokuba neqembu lakulesi sifundazwe kowamanqamu ozodlalwa ngoDisemba 6 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, phakathi kwePirates neGallants. 

“Iqiniso wukuthi kufanele ngingabagxeki laba bafana ngoba ngenkathi kuqala isizini bebengaziboni bedlala kowandulela owamanqamu weCarling Knockout.

Ngokwami ukufinyelela kwabo kulesi sigaba somqhudelwano kufanele bakuthathe njengegxathu eliya phambili ngoba kwamina bengingayilindele inqubekela phambili ngokushesha okungaka kuleli qembu. Uhlelo ebenginalo bekungelokuthi leli qembu libe selihlangene ngemuva kwemidlalo engu-15. Badinga ukunconywa ngokudlala ngendlela abadlale ngayo nakweminye imidlalo esiyidlalile,” kusho uMngqithi.

“Ngakho akufanele sibagxeke kakhulu uma ucabanga ukuthi ngesizini edlule ngibafice bedonsa kanzima bebalwa namaqembu abevika izembe izinto zingahambi kahle. Abakwenzile ngesikhathi esifishane kufanele kunconywe ngoba iqiniso wukuthi iningi labo belingakaze lidlale umdlalo owandulela owamanqamu phambilini. 

Bengivele nginawo lowo muzwa wokuthi bangase bakuthole kunzima ukumelana nengcindezi yokufinyelela esigabeni salo mqhudelwano womkhumulajezi njengoba bebengakaze bafinyelele kulesi sigaba somqhudelwano phambilini.

Ngokwami ngiyayibona inqubekela phambili nekusasa kuleli qembu engilakhayo, amaphutha abawenzile yiwona okufanele bawathathe njengesifundo.”

Abafana Bes’thende abasakhombise ukuba yiqembu elizalwe kabusha kule sizini ngaphansi kwesandla sikaMngqithi, basendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yeBetway Premiership. 

Bazobuyela ensimini ngemuva kwekhefu leFifa ngomdlalo wasekuhambeni weBetway Premiership neTS Galaxy ngoNovemba 23 eMbombela Stadium, eNelspruit.