KUYISIFISO sakhe esikhulu ukunqoba isicoco sokuqala njengomqeqeshi esigabeni sePremiership, uRonnie Gabriel, ongumqeqeshi weRichards Bay FC ezodlala ne-Orlando Pirates kweyandulela owamanqamu eCarling Knockout.
IRichards Bay izodudulana nePirates emdlalweni wokuqala weyandulela owamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, namuhla ngo-3 ntambama.
Lo mdlalo uzolandelwa ngoweLamontville Golden Arrows ezogadulisana neMarumo Gallants ngeSonto ngesikhathi esifanayo, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Umdlalo weRichards Bay ungacishe ufaniswe nowamagqubu kulo mqhudelwano weCarling, kwazise leli qembu yilo elakhipha iPirates kuma-quarterfinal alo mqhudelwano ngo-2023.
“Yize kuwumdlalo wethu wasekhaya kodwa siyazi ukuthi ngenxa yobukhulu benkundla yaseMabhida uma kuqhathaniswa nenkundla yethu yaseMhlathuze (Sports Complex), abalandeli bePirates yibona abazobe bebaningi ukwedlula abethu.
Kodwa phezu kwalokho sizimisele ngokuyokhipha amangwevu kulo mdlalo. Abadlali bethu bazimisele kakhulu ngalo mdlalo esizowudlala ngoba bayazi ukuthi ngumdlalo womkhumulajezi okunganqoba noma yiliphi iqembu kuwona.
Empeleni lona ngumdlalo enginethemba lokuthi singakwazi ukuwunqoba, sidlulele kowamanqamu siyinqobe indebe,” kusho uGabriel oqeqesha ngokubambisana noPapi Zothwane.
“Okunye okuyisikhuthazi kubadlali bethu wukubona abanye bozakwabo abebedlala nabo eqenjini lethu esikhathini esingengakanani, uNkosikhona Ndaba noYanela Mbuthuma, benza kahle kwiPirates. Ngakho nabo bayabona ukuthi akukho okungabahlula, bayayifuna impumelelo, futhi akubethusi ukubhekana nanoma yibaphi abadlali kungakhathaleki ukuthi abaliphi iqembu.”
UGabriel (47) odabuka uThongathi, eThekwini, ungomunye wabaqaqeshi asebehambe ibanga ekuqeqesheni kusukela ezigabeni eziphansi zama-amesha ngaphambi kokufinyelela kwesePremiership.
Wasuka noThongathi FC (engasekho) esigabeni seSafa SAB Regional League (esiyiHollywoodbets) kuya kwese-ABC Motsepe League, wakhuphukela nalo kweseMotsepe Foundation Championship.
Ngesizini ka-2021/22 ubambe elikhulu iqhaza ekukhushulelweni kweNatal Rich Boys kwiPremiership idla isicoco seMotsepe Championship eyiphini likaPitso Dladla asebenza naye isikhathi eside kusukela ezigabeni zama-amesha.
“Kungaba yinjabulo enkulu kimina ukuwina isicoco sami sokuqala esigabeni sePremiership, ngoba ngisuka kude nokuqeqesha.
Ngiqeqeshe kuzo zonke izigaba zebhola kusukela kwi-LFA, SAB, First Division, njengoba manje sengiqeqesha kwiPremiership.
Cishe kungaba yingqophamlando kimina ukunqoba isicoco sami sokuqala njengomqeqeshi esigabeni sePremiership.”
Related Topics: