UMQEQESHI wamaBhokobhoko uRassie Erasmus nokaputeni uSiya Kolisi ngaphambi komdlalo wakhe wokuqala ehola leli qembu ngo-2018
Image: BACKPAGEPIX
UMDLALO wakusihlwa phakathi kwamaBhokobhoko neFrance ungobalulekile kukaputeni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi kwazise uzobe ehlanganisa imidlalo engu-100 naleli qembu lesizwe.
Lo mdlalo ozoqala ngo-10.10 ebusuku eStade de France eSaint-Denis uzombeka kwelinye izinga kubadlali bombhoxo abahamba phambili kuleli.
UKolisi (34) uzongena ohlwini olukhethekile lwabadlali abadlale imidlalo engu-100 nangaphezulu kumaBhokobhoko okukhona kulona uPercy Montgomery, John Smit, Jean de Villiers, Tendai “Beast” Mtawarira, Bryan Habana, Victor Matfield, Eben Etzebeth, noWillie le Roux.
Njengoba bengu-953 abadlali asebedlalele iqembu lesizwe lombhoxo labesilisa lakuleli kusukela ngo-1891, kusobala ukuthi ukufika kulesi sibalo semidlalo kuleli lizwe elibusiswe ngethalente lombhoxo kuyinto engavamile.
UKAPUTENI wamaBhokobhoko uSiya Kolisi edlalela isikole ayefunda kusona iGrey High School
Image: INSTAGRAM
Umfana waseZwide
Uhambo lukaKolisi lombhoxo lwaqala elokishini laseZwide, eGqeberha, lapho azalwa waphinde wakhulela khona. Ikhono lakhe laheha izinhloli eneminyaka engu-12, edlalela i-African Bombers. Lokhu kwaholela ekutheni athole umfundaze wokungena esikoleni somntakabani, iGrey Junior, waphinde wadlulela eGrey High School esefunda emabangeni aphezulu.
Ngemuva kokuqeda isikole wajoyina iqembu elincane leWestern Province waze wafinyelela kwelikhulu leDHL Stormers elalidlala kwiSuper Rugby. Amagalelo akhe amfaka eqenjini lesizwe ngo-2013, wadlala okokuqala libhekene neScotland ngaphansi komqeqeshi uHeyneke Meyer.
Lolu hambo lwalungelula njengoba adlula ezimeni ezinzima njengokudlula emhlabeni kukanina kanye nogogo wakhe esafunda isikole. Yize athola ithuba lokufunda ezikoleni eziphezulu kodwa kwakumele amelane nezinselelo ezifana nendlala, utshwala nezinye izidakamizwa esemncane.
USIYA Kolisi waqokwa njengomdlali ovelele edlala okokuqala kumaBhokobhoko ebhekene neScotland ngo-2013
Image: FACEBOOK
Umholi wamaBhokobhoko
Ngo-2018, umqeqeshi uRassie Erasmus waqoka uKolisi njengokaputeni wokuqala omnyama emlandweni wamaBhokobhoko. Emdlalweni wakhe wokuqala ehola iqembu lalibhekene ne-England ngoJuni walowo nyaka. Leli thuba walibamba ngezandla zombili, ekhombisa ukuvuthwa enkundleni nangaphandle kwayo.
Waphakamisa iNdebe yoMhlaba okokuqala eJapan ngo-2019 amaBhokobhoko equmba phansi i-England kowamanqamu, waphinda okufanayo iqembu lakuleli livikela isicoco ngokunqoba iNew Zealand kowamanqamu eFrance. Kwala kancane ukuthi angayidlali yombili le miqhudelwano ngenxa yokulimala edolweni, kodwa ukuzikhandla kwakhe kwenza walulama ngesikhathi.
Emidlalweni engu-99 aseyidlalele amaBhokobhoko ushaye ama-try angu-14.
Encwadini ekhuluma ngempilo yakhe eyaphuma ngo-2021, iRise, uKolisi waphumela obala ngokuthi ukucwila ezinkambeni zikaFaro esedlala ezingeni eliphezulu kwacishe kwacekela phansi ikusasa lakhe, watakulwa wukukhuzwa yilabo ayesondelene nabo.
Izingqinamba uKolisi adlule kuzona empilweni nasebholeni lombhoxo ukuze agcine esebalwa njengomunye wabadlali bombhoxo abayohlezi bekhunjulwa kuleli zenza abe yisibonelo esihle kuwona wonke umuntu, ikakhulukazi entsheni ekhulela ezimeni ezinzima.
USIYA Kolisi ephakamisa iNdebe yoMhlaba okokuqala eJapan ngo-2019
Image: BACKPAGEPIX
Umlando kaKolisi kumaBhokobhoko
Umdlalo wokuqala - SA vs Scotland (15 Juni 2013, eNelspruit)
I-try yokuqala - SA vs France ( 22 Juni 2013, eThekwini)
Umdlalo wokuqala engukaputeni - SA vs England ( 9 Juni 2018, eGoli)
Umdlalo ka-50 kumaBhokobhoko - SA vs England (2 Novemba 2019, eJapan)
Related Topics: