ULUKHANYO Am edlalela iHollywoodbets Sharks okokugcina emdlalweni we-United Rugby Championship neScarlets.
Image: BACKPAGEPIX
USEVALELISILE kwiHollywoodbets Sharks umdlali wamaBhokobhoko, uLukhanyo Am, osejoyine iqembu laseJapan, iMitsubishi Dynaboars.
Lo mdlali (31) usayine kuleli qembu elizinze eSagamihara, eliqede endaweni yesishiyagalolunye kwi-log ye-J League One ngesizini edlule, njengoba selizoqala entsha.
U-Am, owazalelwa eQonce (ebeyaziwa ngeKing William’s Town), waqala ukugqama kwiBorder Bulldogs kwiVodacom Cup ka-2013.
Ufike kwiSharks ngo-2016, lapho efike wazakhela khona igama njengomunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni maphakathi nenkundla, waphinda waqokwa njengokaputeni weqembu.
Selokhu adlala okokuqala kumaBhokobhoko ngo-2017, usedlale imidlalo engu-42. Wakhathula indima enkulu ngesikhathi iqembu lakuleli liba ngompetha bomhlaba ngo-2019, ikakhulukazi kowamanqamu lapho aphasela khona uMakazole Mapimpi ibhola ukuze ashaye i-try yokuqala.
Wabizwa ngasekupheleni kweNdebe yomhlaba ka-2023, ukuyovala isikhathi sikaMapimpi owayelimele ngesikhathi AmaBhokobhoko evikela isicoco.
Wayeyingxenye ye-World Rugby Team of the Year ngo-2019, futhi useke wabalwa nabahamba phambili kuma-SA Rugby Awards.
"Ngijabule kakhulu ngokujoyina iMitsubishi Dynaboars. Ngikubheke ngabomvu ukuletha ulwazi lwami eqenjini nokubambisana nozakwethu kule sizini ezoqala,” kusho u-Am esitatimendeni esikhishwe yiqembu lakhe elisha.
Uzobe edlala okwesibili eJapan, kulandela ukuchitha isikhashana nelinye iqembu lakhona, iKobe Steelers, ngo-2022.
IDynaboars izodlala umdlalo wayo wokuqala weligi neqembu lomunye umdlali wamaBhokobhoko uJasper Wiese, i-Urayasu D-Rocks, ngoDisemba 13.
Ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, oke wadlala ne-Am kwiSharks nakumaBhokobhoko, ungomunye wabadlali abamfisele okuhle.
"Uyathandwa Qhinebe! Ngiyabonga ngakho konke mfowethu," ubhale kanje uKolisi ekhasini lika-Am ku-Instagram.
U-Am akabizwanga eqenjini lamaBhokobhoko elilibangise phesheya ukuyodlala imidlalo yokusonga unyaka kodwa ungomunye wabadlali abangase babizwe uma kukhona olimalayo.
Related Topics: