UPRECIOUS Mashele ocijwa yinkakha uHendrick Ramaala, ungomunye wabagijimi uRamaala afolose ngabo kwi-African Bank Soweto Marathon
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI wabagijimi kwi-Entsika Athletics Club, uHendrick Ramaala, ufuna ukubona abagijimii bakhe beshaya into ecokeme emjahweni i-African Bank Soweto Marathon.
ISoweto Marathon yebanga lika-42.2km, ehlanganisa nebanga lika-21.1km, kulindeleke igijinywe ngoNovemba 29, eNasrec.
Lo mjaho waminyaka yonke ozobe ugijinywa ihlandla lika-32 kulo nyaka kusukela wasungulwa ngo-1993 ungomunye wemijaho yokuzibekisela indawo kwemikhulu yakuleli, okuyiTotalsports Two Oceans Marathon yebanga lika-56km neComrades Marathon yebanga lika-89.98km.
URamaala owazakhela igama ngezikhathi zakhe esengumgijimi enqoba iNew York Marathon nosaphethe irekhodi laseNingizimu Afrika lika-10 000m, uveza ukuthi phakathi kwabagijimi bakhe azofolosa ngabo kwiSoweto kukhona uGivemore Mudzinganyama, uNtsindiso Mphakathi, noPrecious Mashele.
“Nakuba ngingeke ngibabalule bonke abagijimi bami abazogijima kwiSoweto Marathon kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi uGivemore (Mudzinganyama) noPrecious Mashele bakulungele ukuyogijima kwiSoweto Marathon futhi baqatha ngokwanele. UNtsindiso (Mphakathi) naye useqalile ukuba qatha, yize ebuya ekulimaleni.
ISoweto Marathon sekuyiwona mjaho omkhulu osisalele kulo nyaka, ngakho sifuna ukuvala unyaka ngenothi eliphezulu,” kusho uRamaala, ocija abagijimi bakhe eZoo Lake, eGoli.
“UGivemore uyilambele kakhulu iSoweto Marathon, ikakhulukazi njengoba engakaze ayinqobe ekubeni eseke wayinqoba eminye imijaho okubalwa kuyo iTwo Oceans.
Inhloso yethu enkulu manje wukukhulisa le kilabhu yethu ibalwe namakilabhu anabagijimi abenza ezibukwayo emijahweni emikhulu. Sinabo abagijimi abenza kahle kodwa okusafanele bathi ukwenyusa izinga mbijana emijahweni emikhulu.”
UMphakathi onqobe lo mjaho ngo-2023, nyakenye ulale isine unqotshwa u-Onalenna Khonkhobe.
UMashele oke waba ngumpetha kazwelonke ka-10km, kulindeleke ukuthi ayibambe ku-21km walo mjaho.
UMudzinganyama, yize engakaze ayinqobe iSoweto Marathon kodwa amava akhe okunqoba iTwo Oceans ngo-2023 nokulala isine nyakenye, kumbeka ethubeni elihle kulo mjaho waseSoweto.