Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

OwamaProteas ubheke okungcono kowesibili we-ODI nePakistan

Xolile Mpisane|Published

AMA-PROTEAS adinga ukuyinqoba yomibili imidlalo esele yochungechunge lwama-One Day International nePakistan.

Image: X / PROTEAS MEN

UFUNA iqembu lizimisele kakhulu kunakuqala emidlalweni emibili esele yama-One Day International (ODI) nePakistan, ngemuva kokunqotshwa kowokuvula umdlali wamaProteas, uCorbin Bosch.

AmaProteas ashaywe ngamawikhethi amabili emdlalweni wokuqala obuse-Iqbal Stadium, eFaisalabad, ePakistan, ngoLwesibili.

Iqembu lakuleli libhethe kuqala lakhishwa lonke kwi-over ka-49.1, selithole ama-run angu-263.

IPakistan ifinyelele kuma-run angu-264 kwi-over ka-49.4, isilahlekelwe amawikhethi ayisishiyagalombili.

Umdlalo wesibili uzodlalelwa kuyona le nkundla namuhla kusukela ngo-12 emini.

AmaProteas abheke ukusonga uhambo lwawo lwasePakistan ngegiya eliphezulu kwazise uchungechunge lwama-Test luphele zibambene ngo 1-1 ngaphambi kokuthi iPakistan inqobe olwe-T20 ngo 2-1.

"Sizongena emidlalweni emibili elandelayo siyithatha njengowafawafa. Size lapha ngenhloso yokunqoba lolu chungechunge futhi ngicabanga ukuthi yilokho esisazokulwela. Sizoqinisekisa ukuthi sidlala kangcono emdlalweni olandelayo ukuze sikwazi ukunqoba lolu chungechunge lwama-ODI," kusho uBosch.

Bathathu abadlali abebeqala ukudlalela iqembu kowe-ODi emdlalweni wokuqala. ULhuan-dre Pretorius uthole ama-runs angu-57, uSinethemba Qeshile washaya angu-22, kwathi u-Donovan Ferreira wathatha amawikhethi amabili. 

UBosch ukholwa wukuthi iqembu liqinile yize kunenqwaba yabadlali abanamava abangekho.

"Ngicabanga ukuthi sineqembu elimangalisayo. Sinabadlali abasezingeni eliphezulu asebedlale emazweni ahlukene. Bonke abafana basebenza kanzima. Sinabashwibi nabadlali ababhethayo engikholwa wukuthi bangakwazi ukufaka ingcindezi kwiPakistan,” uqhube kanje uBosch.

Umdlalo wokugcina we-ODI nawo uzodlalelwa e-Iqbal Stadium, ngoMgqibelo ngo-12 emini