U-ASENATHI Ntlabakanye obizelwe esikwatini samaBhokobhoko esiphesheya ukuyovala isikhala sika-Ox Nche olimele.
Image: BACKPAGEPIX
UMDLALI wamaBhokobhoko, uJasper Wiese, uthi bakulungele ukubhekana neqembu laseFrance elizobe lifuna ukuziphindiselela uma sebehlangana eSaint-Denis ngoMgqibelo.
Umdlalo uzoqala ngo-10.10 ebusuku enkundleni iStade de France, ngaphandle kancane kwaseParis.
La mazwe agcina ukubhekana kuyona le nkundla kuma-quarterfinal eNdebe yoMhlaba eyayiseFrance ngo-2023 lapho kwanqoba khona amaBhokobhoko ngo 29-28.
“Ngicabanga ukuthi basalibambile igqubu njengoba bephumele obala bathi bafuna ukuziphindiselela, ngakho kuzoba yinselelo enhle,” kusho uWiese.
"Bezwa ubuhlungu ngemuva kwalowo mdlalo eNdebeni yoMhlaba, ngakho-ke silindele ukuthi bafike nomfutho omkhulu kulo mdlalo. Uma kunomdlalo okufanele siwusukumele kakhulu, yiwona lo."
AmaBhokobhoko neFrance sebedlale izikhawu eziyisithupha eStade de France kusukela baqala ukuhlangana ngoNovemba 2001.
IFrance yayinqoba imidlalo emibili yokuqala kodwa iqembu lakuleli selikhonye kane kulandelana kule nkundla.
UWiese uthe noma kunjalo bayazi ukuthi kuzoba nzima kangakanani ukubhekana neqembu laseFrance eliqhubekile nokuthuthuka kule minyaka emibili edlule.
"IFrance ikhombisile eminyakeni yakamuva ukuthi inabadlali abakhulu futhi abanamandlla. Yilokho esizobhekana nakho ngoMgqibelo. Thina njengabadlali baphambili siyakwazi okufanele sikwenze,” usho kanje.
“Inabo nabadlali basemuva abanekhono nejubane esidinga ukubavimba. Sibahlaziye kahle kuleli sonto futhi sikholwa wukuthi ukhiye usekutheni sibe ngcono kunabo kulezi zingxenye zomdlalo.”
IFrance yagcina ukuhlula amaBhokobhoko ngoNovemba 2022 ngesikhathi iwanqoba ngo 30-26 eStade Vélodrome, eMarseille.
AmaBhokobhoko asephoqelekile ukuthi enze ushintsho eqenjini elinqobe iJapan emdlalweni wokuqala kulandela ukulimala kuka-Ox Nche, isikhala sakhe savalwa ngo-Asenathi Ntlabakanye.
Related Topics: