UNOZINTI weDurban City, uDarren Keet, ofuna bavuke bazithathe ngemuva kokuphenduka ukudla kwenduku njengoba bezodlala neMarumo Gallants koweBetway Premiership eChatsworth Stadium, eThekwini, namuhla ebusuku
Image: BACKPAGEPIX
UNOZINTI weDurban City, uDarren Keet, unethemba lokuthi umdlalo wabo wasekhaya abazowudlala neMarumo Gallants uzoba yithuba lokuvuka bazithathe ngemuva kokuba wukudla kwenduku emidlalweni yakamuva abasanda kuyidlala.
ICity izobhekana neGallants emdlalweni weBetway Premiership eChatsworth Stadium, eThekwini, namuhla ngo-7.30 ebusuku.
Leli qembu liza kulo mdlalo wanamuhla nje libuya esibhaxwini semidlalo emithathu ilandelana, okungemibili yePremiership noweCarling Knockout.
“Kunzima ukuhlulwa imidlalo emithathu ilandelana, ngakho sifuna ukuvuka sizithathe siguqule isimo ikakhulukazi njengoba sibheke ekhefini le-Afcon.
Lo mdlalo esizowudlala neMarumo Gallants sifuna ukuwusebenzisa njengethuba lethu lokulungisa izinto, sibuyise isithunzi ngokuthi sinqobe.
Khona siyazi ukuthi akuzukuba ngumdlalo olula, ikakhulukazi njengoba nabo bebuya ekushayweni yiGolden Arrows okuzokwenza beze kithini bezimisele ngokulwela ukubuyisa isithunzi,” kusho uKeet.
ICity iyiqale ngonyawo oluhle isizini, ishaya amagoli futhi ingangenelwa ngamaningi. Nokho emidlalweni emithathu yakamuva ingenelwe ngamagoli ngemizuzu yokugcina sekuthenjiwe.
“Sidinga ukulwela ukubuyisa umgqigqo wethu omuhle ebesiqale ngawo ngesizini wokushaya amagoli nokungangenelwa ngamagoli amaningi. Emidlalweni yethu yakamuva esihlulwe kuyona singenelwe ngamagoli ngemizuzu yokugcina, ngakho ukugxila emdlalweni imizuzu engu-90 nangaphezulu yikho okuzomele silwe nakho.
Inhloso yethu wukuthi siye ekhefini le-Afcon sesikwazile ukuqoqa amaphuzu ukuze sizehlisele umthwalo ngoJanuwari lapho khona imidlalo izobe isithothene,"kusho uKeet.
Related Topics: