OWAYEYISIQONGQWANE somdlali wasemuva kwi-Orlando Pirates, uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni, uyakwemukela ukufaniswa naye kwesitobha seZimnyama uMbekezeli “TLB” Mbokazi esikhombisa ukudlondlobala ebholeni laseNingizimu Afrika.
USangweni owayengukaputeni wePirates eminyakeni edlule, ube nengxoxo ekhethekile neSolezwe ngenkathi eyisimenywa esiqavile emcimbini wokwethulwa kwegatsha elisha labalandeli bePirates elaziwa ngeSkhaleni ehholo laKwaMsani, eMtubatuba, ngoMgqibelo.
Lo mcimbi ubuhanjelwe ngosihlalo bamagatsha ePirates KwaZulu-Natal noJeremiah “Ace” Mdlalose owayengumengameli weSafa Zululand obemele iSafa kulo mcimbi. Usihlalo wegatsha elisha laseMtubatuba nguMfana Gumede.
“UMbokazi uyisitobha esisezingeni eliphezulu, angifuni ukuqamba amanga. Ngakho-ke ukufaniswa kwakhe nami ngikubona kumfanele impela ngoba ungumdlali ozinikele kakhulu, olwayo, njengoba nami ngangenza ngisadlala. Nanokuthi futhi ungumdlali oziphatha ngendlela efanele, ongumholi, okufakazelwa nawukunikwa kwakhe ibhande likakaputeni phezu kweminyaka yakhe yobudala,” kusho uSangweni, owanqoba izicoco neZimnyama, okubalwa kuzo neseligi yePremiership.
“Kuphela nje yena akangakuthathi ukufaniswa kwakhe nami akufake ekhanda ngoba kungamlimaza. Akaqhubeke agxile ekwenzeni kahle kwakhe, angadudwa wukunconywa kakhulu ngabantu. Yebo angaqhathiswa nami kodwa ukudlala kwethu ngeke kufane ncamashi. Yena ngiyamvuma uyinkunzi lo mfana futhi okuhle ukuthi ungumfana wakhona lapha (eMkhanyakude) emakhaya osebenzayo, oyaziyo into ayifunayo.”
UMbokazi (20) odabuka KwaNibela, eHluhluwe, ukhushulelwe esikimini esikhulu seZimnyama maphakathi nesizini edlule esuka kweseDStv Diski Challenge. Usephenduke isethenjwa kuleli qembu laseSoweto naseqenjini lesizwe, iBafana Bafana, okulindeleke ukuthi athole indawo kulona njengoba liyoyibamba kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eMorocco ngoDisemba 21 kuya kuJanuwari 18.
Related Topics: