UMQEQESHI weHighbury FC, uKabelo Sibiya, obona umbango weligi yeMotsepe Foundation Championship usavuna noma ngubani
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weHighbury FC, uKabelo Sibiya, ukholwa wukuthi umbango wesicoco seligi yeMotsepe Foundation Championship usavuleleke kuwona wonke amaqembu asesixhantini samahlanu aphezulu kwi-log yalesi sigaba.
USibiya usho kanjena nje, ezakhe zibe yiqembu lokuqala kule sizini eliguqise iCasric Stars ebingakashaywa okuyiyona ebiqhwakele kwi-log yeMotsepe Championship.
Igoli likaNaeem Amojee yilona eliqinisekise ukuthi iHighbury inqoba ngo 1-0 kwiCasric ngoLwesihlanu, eGalvandale Stadium, eGqeberha.
IHighbury esendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-15 emidlalweni eyisishiyagalombili. Yehlukaniswe ngamaphuzu amane neMilford FC eqhwakele ngamaphuzu angu-19 emidlalweni elinganayo.
IMilford igudluze iCasric esicongweni ngokuguqisa iBlack Leopards ngo 2-1 ngoLwesihlanu, eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.
“Besiyidinga kakhulu le wini, ikakhulukazi njengoba besibuya esibhaxwini (sika 2-1) sishaywa yiLeicesterford ngesonto eledlule.
Ngikholwa wukuthi ukushaya kwethu iCasric esefomini nokuyiyona ebisahlezi phezulu kwi-log, kuzokwenza umehluko omkhulu ekubuyiseni ukuzethemba kubadlali bami kweminye imidlalo elandelayo esisazoyidlala,” kusho uSibiya.
“Khona kuseva kakhulu ukuthi sekungaqala kukhulunywe ngombango weligi ekubeni kusadlalwe imidlalo eyisishiyagalombili kuphela.
Kodwa indlela amaqembu amathathu aphezulu kwi-log ayiqale ngayo isizini kuyakhomba ukuthi anezinhloso ezinkulu kule sizini, ukubala nathi.
Ngokwami womahlanu amaqembu aphezulu kwi-log asenethuba lokungena embangweni weligi.
Ukuphela komzuliswano wokuqala yikhona okungase kukhombe amaqembu asembangweni wesicoco okwangempela.”
USibiya, odabuka eNorth West, nguyena owafaka leli qembu lase-Eastern Cape esigabeni seMotsepe Championship elihola ngempumelelo kumaPlay-Offs kazwelonke eSafa ABC Motsepe League ngesizini ka-2023/24, yakhushulelwa kwiChampionship neKruger United yaseBusbuckridge, eMpumalanga.
IHighbury izobuyela ensimini ngomdlalo wasekuhambeni neHungry Lions ngoLwesithathu, ngo-3.30 ntambama, eMxolisi Dicky Jacobs Stadium, e-Upington.
Khonamanjalo: ICape Town City, ebiyiqale ngonyawo olubi le sizini iphinde yakhombisa izimpawu zokuvuka emaqandeni ishaya i-The Bees ngo 2-1 e-Athlone Stadium, ngoMgqibelo.
Leli qembu eligawulwe yizembe kwiBetway Premiership ngesizini edlule, linqobe umdlalo walo wokuqala ngeledlule ngokuguqisa iMidlands Wanderers ngo 3-2.
Related Topics: