Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

URabada uchazwe wukubuya kwamaProteas kowe-Test

Xolile Mpisane|Published

UMSHWIBI wamaProteas, uKagiso Rabada.

Image: BACKPAGEPIX

KUMJABULISILE umshwibi wamaProteas, uKagiso Rabada, ukubona iqembu lakuleli libuyisa izinduku kwiPakistan emdlalweni wesibili wochungechunge lwe-Test.

AmaProteas anqobe iPakistan ngamawikhethi ayisishiyagalombili eRawalpindi Cricket Ground izolo.

Uchungechunge luphele zilingana ngo 1-1 kwazise iPakistan ithathe umdlalo wokuqala ngama-run angu-98 ngesonto eledlule.

Bekuwuchungechunge lokuqala lwamaProteas selokhu ewine i-ICC World Test Championship ngoJuni, nonyaka.

“Kunzima ukudlala e-Asia. Siyazi njalo uma sizoza lapha ukuthi kuba nemibuzo. Siyakuqonda ukuthi amaqembu alapha athanda izinkundla ezivuna abashwibi be-spin, nokuyinto esingayijwayele thina,” kusho uRabada.

“Thina esishwiba ngesivinini sijwayele izinkundla zasekhaya ezisilekelelayo kodwa uma sidlala lapha kufanele sishintshe okuthile. Nabadlali bethu ababhethayo kudingeka badlale ngokucophelela.

“Yizona zonke lezo zinto esibhekana nazo ngakho-ke kuyajabulisa ukuthi sikwazile ukushaya iPakistan ePakistan. Akusiyona into elula leyo futhi ukunqoba lo mdlalo kuzonyusa ukuzethemba eqenjini lethu.”

Khonamanjalo: AmaProteas aselahlekelwe abadlali ababili ngaphambi kochungechunge lwe-T20 oluzoqala ngesonto elizayo nolwe-One Day International (ODI) oluzolandela.

UDavid Miller obekufanele ahole iqembu le-T20, ngeke esadlala ngenxa yokudonseka umsipha osethangeni.

Umshwibi, uGerald Coetzee, ngeke esadlala kulandela ukudonseka umsipha osesifubeni.

Kubizwe abadlali ababili ababhethayo okunguMatthew Breetzke noTony de Zorzi, kanti iqembu elizodlala eye-T20 selizoholwa nguDonovan Ferreira.

AmaProteas nePakistan bazodlala imidlalo emithathu ye-T20 ngo-Okthoba 28, Okthoba 31 nangoNovemba 1.

Le midlalo izolandelwa emithathu ye-ODI ezodlalwa ngoNovemba 4 kuya ku-8.

Ngemuva kwalolu hambo lwasePakistan, iqembu lakuleli lizodlulela e-India lapho lizodlala khona imidlalo emibili ye-Test, emithathu ye-ODI nemihlanu ye-T20.