Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

ISharks izoholwa ngu-Etzebeth komqoka we-URC

Xolile Mpisane|Published

UBEN Etzebeth ozohola iHollywoodbets Sharks emdlalweni wanamuhla we-URC neScarlets

Image: BACKPAGEPIX

IHollywoodbets Sharks izobe ibheke ukuthola umphumela ngaphambi kwekhefu uma isibhekene neScarlets kowe-United Rugby Championship namuhla.

Umdlalo uzoqala ngo-4 ntambama eHollywoodbets Kings Park, eThekwini.

Umqeqeshi uJohn Plumtree wenze izinguquko ezimbalwa eqenjini elishaywe yi-Ulster yase-Ireland ngo 34-26 ngempelasonto edlule.

U-Eben Etzebeth uzohola iqembu kulo mdlalo, ethatha izintambo kuVincent Tshituka.

U-Emmanuel Tshituka uzowuqala umdlalo, bese uPhendulani Buthelezi ewuqala ebhentshini.

Njengoba uMakazole Mapimpi engekho ngenxa yokumiswa, u-Edwill van der Merwe uzoqala ephikweni kuthi uJordan Hendrikse aqale kwi-fullback. 

Olunye ushintsho lwenziwe maphakathi nenkundla lapho uLukhanyo Am engene khona endaweni kaJurenzo Julius.

Umdlali weSharks u-Andre Esterhuizen ukhumbuze ozakwabo ngobumqoka bomdlalo wanamuhla kanye nalokho abalandeli abakulindele kuleli qembu eligcwele abadlali bamaBhokobhoko.

"Asikwenzanga ebesikuhlosile emdlalweni odlule. Iqembu belingahlangene ngendlela esiyifunayo futhi senze inqwaba yamaphutha.,” kusho u-Esterhuizen.

"Abafana bakwamukele lokho futhi sesigxile ngokuphelele emdlalweni olandelayo neScarlets. Yithuba lethu lokulungisa izinto. Akusizi ukuba neqembu eligcwele izihlabani uma singakubonisi lokho enkundleni.” 

Ngesizini edlule iSharks inqobe iScarlets ngo 12-3 eKings Park kodwa kulokhu izobe ibheke umphumela ongcono ngaphambi kokuthi kuhlatshwe ikhefu lemidlalo yamazwe.

"Njalo uma sidlala nabo basithwalisa kanzima ngokuphazamisa umdlalo. Bayawuthanda umdlalo onesiphithiphithi, omiswa njalo. Silindele ukuthi basebenzise amandla. Amaqembu aseWales anobuhlakani, ngakho-ke sidinga ukumelana nakho konke lokho,” uqhube kanje u-Esterhuizen.

 

Iqembu leSharks elizobhekana neScarlets

Abazoqala: 15 Jordan Hendrikse, 14 Ethan Hooker, 13 Lukhanyo Am, 12 Andre Esterhuizen, 11 Edwill van der Merwe, 10 Siya Masuku, 9 Grant Williams, 8 Emmanuel Tshituka, 7 Vincent Tshituka, 6 Siya Kolisi, 5 Marvin Orie, 4 Eben Etzebeth (ukaputeni), 3 Vincent Koch, 2 Bongi Mbonambi, 1 Ox Nche.

Abasebhentshini: 16 Fez Mbatha, 17 Cameron Dawson, 18 Lee-Marvin Mazibuko, 19 JJ Scheepers, 20 Phepsi Buthelezi, 21 Jaden Hendrikse, 22 Jean Smith, 23 Jurenzo Julius.