UMQEQESHI weSharks uJohn Plumtree onengcindezi yokushintsha imiphumela yaleli qembu
Image: Backpagepix
IYAQONGA ingcindezi kumqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree, ngemuva kokuqala ngebatha kweqembu lakhe kule sizini kwi-United Rugby Championship (URC).
ISharks isidlale imidlalo emine inganqobi kanti izobe ifisa ukushintsha izinto uma isibhekene neScarlets yaseWales eHollywoodbets Kings Park, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-4 ntambama.
Uhambo lweSharks luqale ngemidlalo emithathu phesheya lapho inqotshwe khona yiGlasgow Warriors neLeinster, yadlala ngokulingana neDragons.
NgoMgqibelo odlule ibihlose ukuthola iwini yokuqala ekhaya kodwa yashaywa yi-Ulster yase-Ireland ngo 34-26 phezu kokuba isebenzise inqwaba yabadlali abebeyingxenye yeqembu lamaBhokobhoko elisanda kunqoba iRugby Championship.
Lowo mphumela ushiye iSharks endaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu amathathu, okusho ukuthi usemkhulu umsebenzi okufanele iwenze emidlalweni yayo ezayo yamaqoqo ukuze igcine ibalwe namaqembu ayisishiyagalombili azodlulela kuma-quarterfinal.
Ngesizini edlule iSharks iqede endaweni yesithathu kwi-log egcwele yaphinde yanqoba isicoco se-URC SA Shield ngokuba yiqembu elihamba phambili kwamane aseNingizimu Afrika.
UPlumtree uthe bake babhekana nobunzima kulo mqhudelwano, kwesinye isikhathi bakwazi ukuzikhipha obishini futhi unethemba lokuthi abadlali bakhe ngeke baqale ukuzingabaza.
"Asikwazi ukuba nalowo muzwa. Kufanele sizikhandle, sibheke izizathu ezenza sidlale kanjena nokuthi yiziphi izindawo esingathuthuka kuzona,” usho kanje lo mqeqeshi.
"Lokho kuncike ekuzilungiseleleni kwethu, thina njengabaqeqeshi neqembu lonke. Asikenzi kahle njengeqembu, akekho umuntu oyedwa ongasolwa ngezinkinga esibhekene nazo.”
Okuqongise izinkinga zeSharks wukuthi umdlali waphambili uRuan Dreyer ulimale edolweni ngoMgqibelo, kwathi owasemuva uMakazole Mapimpi wathola ikhadi elibomvu, nokungase kuholele ekutheni amiswe imidlalo eminingi.
“Silahlekelwe nguDreyer ngenxa yokulimala kabi edolweni kanti uMakazole Mapimpi angase angabibikho emidlalweni ezayo ngenxa yokumiswa. Izinto zingasibhedela kakhulu,” uqhube kanje uPlumtree.
Lo mqeqeshi kufanele athathe izinqumo ezinzima ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo kwazise kufanele akhethe phakathi kokusebenzisa abadlali bakhe abasezingeni eliphezulu ukuze anqobe okokuqala noma abagcinele eminye imidlalo enzima ezolandela.
Njengoba amaBhokobhoko ezoqala imidlalo yokusonga unyaka ngenyanga ezayo lokhu kusho ukuthi iSharks izophinde ilahlekelwe yinqwaba yabadlali maduze.
Related Topics: