IQEMBU lesizwe lekhilikithi labesifazane linenselelo yokungena kowamanqamu okokuqala eNdebeni yoMhlaba yama-One Day International
Image: X / PROTEAS WOMEN
UKHOLWA wukuthi iqembu lingakwazi ukuphinde livuke lizithathe emdlalweni owandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba elizowudlala ne-England umdlali wamaProteas esifazane, uTazmin Brits.
Iqembu lakuleli lizotholana phezulu ne-England eBarsapara Stadium, e-India, kusasa ngo-11.30 ekuseni.
AmaProteas aqede endaweni yesithathu esigabeni samaqoqo ngamaphuzu angu-10 emidlalweni eyisikhombisa. I-England ilale kweyesibili ngamaphuzu angu-11.
Ngemuva kokuvula lo mqhudelwano ngokubhubhudlwa yi-England ngamawikhethi angu-10, amaProteas avuke anqoba imidlalo emihlanu ilandelana.
Nokho, azongena kulo mdlalo edinga omunye umfutho omusha kulandela ukuxetshulwa yi-Australia ngamawikhethi ayisikhombisa kowokugcina wamaqoqo ngoMgqibelo lapho ekhishwe khona eshaye ama-run angu-97 kuphela.
“Izinto azihambanga ngendlela ebesifisa ngayo emdlalweni odlule kodwa sesibonile ukuthi siyiqembu elikwaziyo ukudlulisa ukuphoxeka ngokushesha. Sidinga ukwenza esakwenza ngemuva komdlalo wokuqala, sikhumbule ukuthi siyiqembu elikwaziyo ukushaya ama-run,” kusho uBrits.
“Siyethemba ukuthi sizokwazi ukuzifaka emdlalweni wamanqamu weNdebe yoMhlaba yama-One Day International okokuqala ngqa. Imidlalo esiyinqobile siyinqobe kahle kodwa kwesihlulwe kuyona besingekho ezingeni elifanele. Sikwazi kamhlophe okufanele sikulungise.”
Nakuba amaProteas esengene kabili kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba yeT20 phambilini, awakaze akwenze lokhu kweyemidlalo yama-over angu-50.
Angena kowandulela owamanqamu ngo-2017, akhishwa yi-England ngamawikhethi amabili. Kwenzeka okufanayo kowandulela owamanqamu wango-2022 ephinde ekhishwa yi-England ngama-run angu-137.
“Umlando wethu ne-England siyawazi sonke kodwa akufanele sigxile ezintweni esezadlula. Ngangingekho kule midlalo eyandulela eyamanqamu kodwa bengikhona isishaya kowokuvula wamaqoqo kulo mqhudelwano. Sizimisele ukuthola umphumela ozosifaka kowamanqamu kulokhu kodwa asifuni ukungena sicabanga ngokuziphindiselela,” uqhube kanje uBrits.
“Silindele umdlalo onzima ngoba bayiqembu elidlala kahle kodwa uma singakhipha wonke amandla esinawo singakwazi ukumelana nabo.
Komunye umdlalo owandulela owamanqamu ozodlalwa ngoLwesine, i-Australia eqede iqhakwale kweyamaqoqo, izobhekana ne-India elale endaweni yesine.
Related Topics: