Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Kubhekwe izinguquko kwelamaBokke eliya phesheya

Xolile Mpisane|Published

UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, angase alahlekelwe omunye umdlali ngaphambi kohambo lwaphesheya.

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, kungase kudingeke abuyekeze izinhlelo zakhe zohambo lokuphela konyaka ngenxa yokumiswa kwabadlali abathile abethembele kubona.

Umdlali weHollywoodbets Sharks, uMakazole Mapimpi, noweVodacom Bulls, uJan-Hendrik Wessels, yibona lo mqeqeshi okubukeka ezodinga ukuvala izikhala zabo.

UMapimpi umiswe amasonto amahlanu ngokudlalisa kabi umdlali wasemuva we-Ulster, uMichael Lowry, emdlalweni we-United Rugby Championship ngoMgqibelo. 

Lo mdlali ubengekho esikwatini esizodlala imidlalo emihlanu phesheya ngenyanga ezayo kodwa ubesohlwini lwalaba obekuhlelwe ukuthi bavale izikhala zabalimalayo.

UWessels kuvela ukuthi angase amiswe amasonto ayisishiyagalolunye kulandela isigameko esiyindida esenzeke bedlala owe-URC neConnacht ngoMgqibelo.

Lo mdlali usolwe oweConnacht flanker, uJosh Murphy, ngokumthinta endaweni yangasese kodwa abutholakalanga ubufakazi balokhu ngesikhathi kubhekwa kwividiyo.

Unompempe, uMike Adamson, ukhiphe uMurphy ngekhadi elibomvu ngenxa yokuthi uzibonele ngawakhe eshaya umdlali weBulls.

Ngokwemibiko, uWessels naye usezojeza kodwa i-United Rugby Championship ayikasiqinisekisi lesi sinqumo.

U-Erasmus ungene ezinkundleni zokuxhumana entathakusa izolo, washiya amazwi okubukeka egxeka lesi sinqumo.

"Sekuvele kwaba nzima kakhulu. Manje sekumele sibashaye enkundleni nasemahhovisi,” ubhale kanje u-Erasmus ekhasini lakhe kwi-X.

Uma uWessels egcina emisiwe kungenzeka u-Erasmus abize uMarnus van der Merwe, oke wadlala kahle endaweni ye-hooker eqenjini lesizwe kulo nyaka.

AmaBhokobhoko azoqala uhambo lwaphesheya ngokubhekana neJapan eWembley Stadium, eLondon, ngoNovemba 1.

Azobe esetholana phezulu neFrance eStade de France, eParis, ngoNovemba 8, abhekane ne-Italy e-Allianz Stadium, eTurin, ngoNovemba 15. Ngemuva kwalokho, azogadulisana ne-Ireland e-Aviva Stadium, eDublin, ngoNovemba 22 ngaphambi kokubhekana neWales ePrincipality Stadium, eCardiff, ngoNovemba 29.