Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UNdamane ushabashekela ukuqinisa indawo yakhe kwiBafana

Sibusiso Mdlalose|Published

UMDLALI wasemuva uKhulumani Ndamane ozimisele ngokuqinisa indawo yakhe eqenjini lesizwe iBafana Bafana elizodlala kwi-Africa Cup of Nations neNdebe yoMhlaba yeFifa

Image: BACKPAGEPIX

UMDLALI wasemuva kwi-TS Galaxy, uKhulumani “Mtara” Ndamane, yize evuma ukuthi usamangele ukuthi ngesikhathi esifushane edlala esigabeni esikhokhelayo usezibeke ethubeni lokuyodlala kwiNdebe yoMhlaba, kodwa amazwi omqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, yiwona amenza abone ukuthi kumfanele ukuba seqenjini lesizwe. 

UNdamane (21) odabuka KwaNomoya, eSahlumbe, okuyisizini yakhe yesibili egijima esigabeni seBetway Premiership, uyingxenye yeqembu leBafana elizibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026 ngokuqeda liqhwakele kuGroup C ngokunenebula iRwanda ngo 3-0 ngoLwesibili, eMbombela Stadium, eNelspruit, komunye wemidlalo yokugcina yokuhlunga. 

Lo mdlali obesebhentshini iBafana ibambana ngo 0-0 neZimbabwe, uthole ithuba lokuba sesikimini esiqala umdlalo neRwanda evala isikhala sikaMbekezeli “TLB” Mbokazi okhishwe ngekhadi elibomvu koweZimbabwe.

Ungene wayiqongqotha emuva maphakathi nendawo edlala noNkosinathi “Bhodlela Sibisi, yize evuma ukuthi ubenengebhe ngenxa yokubaluleka komdlalo neRwanda obungokawafawafa. 

“Ngenkathi ngitshelwa ukuthi ngizoba sesikimini esiqala umdlalo neRwanda, angifuni ukuqamba amanga bengithukile. 

Kodwa ngabuye ngazitshela ukuthi ngoba sengikhethiwe, angishone khona yilo ithuba leli okukade ngililindele.  

Ngabuye ngakhumbula namazwi omqeqeshi uBroos ahlale esitshela wona ukuthi sonke esibizwe eqenjini lesizwe asibizwanga ngenhlanhla, kodwa sibizwe ngenxa yokudlala kwethu,” kusho uNdamane, ojoyine iGalaxy ngesizini edlule esuka eqenjini leKaizer Chiefs elidlala kwiDStv Diski Challenge. 

“Ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yeqembu leBafana eliphumelele ukungena kwiNdebe yoMhlaba, namanje ngisamangele ukuthi yimina ngempela lo osezibeke ethubeni lokuyodlala kwiNdebe yoMhlaba nakwi-Afcon.

Ngangingazitsheli ukuthi ngesikhathi esifushane kangaka ngiyobe sengidlala eqenjini lesizwe.

Ukuzimisela kwami, ukuhlonipha abaqeqeshi nokubeka ithemba lami kuNkulunkulu, yikho engikholwa wukuthi kungibeke kuleli zinga engikulona njengamanje,” kuqhuba uNdamane odlale imidlalo emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba okubalwa noweLesotho. 

Nokho uNdamae uyakuqonda ukuthi usahlalelwe ngumsebenzi wokuqhubeka nokuthatha amehlo omqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngokwenza kahle eqenjini lakhe iGalaxy ukuze azibeke ethubeni lokungena endizeni ebheke eMorocco kowe-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoDisemba.

I-The Rockets okuyiwe ekhefini leFifa isefomini enhle, ibuyela enkundleni ngomdlalo weBetway Premiership ezowudlalela ekuhambeni neMagesi FC eSeshego Stadium, ePolokwane, namuhla ngo-5.30 ntambama. 

“Nakanjani kufanele ngiqhubeke ngiphushe, ngidlale ngale ndlela engidlala ngayo eqenjini lami, ukuze ngiqinise indawo yami eqenjini lesizwe ngizibeke ethubeni lokuqokwa esikwatini esizoya kwi-Afcon,” kusho uNdamane.