Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Owe-Arrows ubona ezelwe kabusha ngokushintsha isibongo

Sibusiso Mdlalose|Published

UMDLALI wasesiswini kwiLamontville Golden Arrows, uSiyanda Ndlovu, obona ezalwe kabusha ngokushintshela esibongweni sakoninalume njengoba phambilini ebaziwa ngoMthanti

Image: BACKPAGEPIX

UMDLALI wasophondweni lwesokudla kwiLamontville Golden Arrows, uSiyanda “Skhwishi” Ndlovu, ukuchaza njengokuzalwa kabusha ukushintshela kwakhe esibongweni sakoninalume njengoba ebona isiqalo sezinto ezinhle kuyena. 

UNdlovu (22) odabuka eDoringkop, eDannhauser, okuyisizini yakhe yesithathu egijima kwiGolden Arrows, ufike kuleli qembu ebizwa ngoMthanti okuyisibongo sikayise. Ngaphambi kokuqala kwale sizini ushintshele esibongweni sakwaNdlovu, okuyisibongo sikanina. 

“Ngenxa yezinto zesiZulu, kudingeke ukuba ngishintshe isibongo ngisebenzise uNdlovu okuyisibongo sasekhabomama, komalume, okuyilapho engikhulele khona.

Ngingasho impela ukuthi ngizizwa ngizalwe kabusha, nginamandla kakhulu manje njengoba sengisebenzisa isibongo sasekhaya komama,” kushaya ngamafuphi uNdlovu, oveze ukuthi uyise usaphila. 

Lesi sikhwishikhwishi somdlali esikhushulelwe esikimini esikhulu seGolden Arrows ngesizini ka-2023/24 sisuka kwelincane elidlala kwiDStv Diski Challenge, kule sizini sikhombise ifomu enhle. Emidlalweni eyisishiyagalolunye, sishaye amagoli amabili, saba wumvusi wenyamazane kwamathathu. 

Ngokusho kukaNdlovu, umqeqeshi waleli qembu, uManqoba Mngqithi, umbona esengaba ngumdlali ongcono kakhulu kunalona anguyena njengamanje.

“Iyalwa leya ndoda (uMngqithi) kodwa ilwa ngendlela ekahle ngoba ikhona le nto eyifunayo kimi, ngakho nami ngihlale ngifunda kuyo yonke into engifundisa yona ejimini nozakwethu. 

Uhlale engitshela ukuthi ukhona lo Siyanda Ndlovu ongaphezulu kwalona ambonayo kimi njengamanje, asafuna ngimveze. Ukholwa ngukuthi kukhulu engisengakwenza.”

I-Arrows esayinise iningi labadlali abasebancane kule sizini, ngemuva kokushaywa imidlalo emithathu yeBetway Premiership, ivuke indlobane ngaphambi kwekhefu leFifa. Inqobe imidlalo emithathu, okubalwa emibili yePremiership. Ivulele isibhaxu sika 1-0 kwiMamelodi Sundowns, yanenebula i-Orbit College ngo 3-0, yehlula iSekhukhune United ngo 3-1 kowe-Last 16 yeCarling Knockout. 

“Ngibona iqembu selihlangana manje, abadlali abafikayo sebekhombisa ukuzinza nokungena esitayeleni seqembu umqeqeshi afuna sisidlale. 

Indlela yethu yokudlala idinga abadlali abasebancane abanejubane nomfutho, ngakho bangena khaxa abanye balaba badlali abancane abasayiniswe yiqembu kule sizini.

Ukunqoba kwethu iSundowns kubuyise ukuzethemba kithina ngemuva kokulahla amaphuzu kungafanele emidlalweni emithathu esishaywe kuyo kulandelana. 

Esesikudinga manje wukulwela ukugcina lo mgqigo esiye ekhefini leFifa sikuwona, nokulwela ukuqoqa amaphuzu kusakhanya ukuze siqede umzuliswano wokuqala sisendaweni engcono kakhulu kwi-log," kusho uNdlovu.

Abafana Bes’thende babuyela ensimini ngomdlalo wasekuhambeni abawudlala neStellenbosch FC eDanie Craven Stadium, eStellenbosch, ngoLwesithathu.

Imidlalo yeBetway Premiership: 

NgoLwesihlanu:

Richards Bay FC v Orbit College (Umhlathuze Sports Complex, 7.30pm)

NgoMgqibelo:

AmaZulu FC v Durban City (Moses Mabhida Stadium, 3.30pm); Magesi FC v TS Galaxy (Seshego Stadium, 5.30pm)

NgeSonto:

Marumo Gallants v Chippa United (Dr Molemela Stadium, 3.30pm)