USYANDA Sibiya ohlela amaRunner Awards azoba se-Olive Convention Centre, ngoNovemba 1
Image: Instagram
INHLANGANO eyengamele abagijimi KwaZulu-Natal, iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), isabisa ngokubathathela izinyathelo abagijimi namakilabhu abazoba yingxenye yemiklomelo amaRunner Awards azoba se-Olive Convention Centre, ngoNovemba 1.
Abahleli bemiklomelo okuzoba ngokokuqala ikhona, bona bashaya phansi ngonyawo bathi izoqhubeka.
I-KZNA ithe ngokomthethosisekelo we-Athletics South Africa (ASA) ngelayo ilungelo lokwenza imicimbi njengoba iyilungu le-ASA futhi kuyiyona ebhekelele ukulawula kwezithinta ezokugijima esifundazweni.
“Sekubonakele ukuthi amaRunner Awards akhangiswa emphakathini ngezinkundla ezahlukene ezihlanganisa iFacebook, amaphephaphandaba nezinkundla zokuxhumana njengeTikTok nemiskazo. Umthethosisekelo we-Athletics South Africa uthi amalungelo okusakaza noma imuphi umcimbi wabagijimi owenzeka eNingizimu Afrika ngawe-Athletics South Africa,” kusho isitatimende semenenja yeKwaZulu-Natal Athletics, uJessica Khomo.
I-KZNA ithe ayihlangene futhi ayiwagunyazi amaRunner Awards. Ithe abazoba yingxenye yawo bazomiswa isikhathi esingaziwa ngesenzo esiphula umthetho we-ASA kuze kuphothulwe uphenyo nezinyathelo ezizothathwa yikomiti eliqondisa ubugwegwe.
Ithe imiklomelo esemthethweni yabagijimi esifundazweni iyenze ngo-Agasti.
“Uma umcimbi weRunner Awards uqhubeka, iKwaZulu-Natal Athletics Association izothathela izinyathelo zomthetho abenza lokhu egameni lokuthi abahleli abanalo igunya lokusingatha, lokwenza nokukhangisa imiklomelo yalolu hlobo,” kusho uKhomo.
Abahleli bamaRunner Awards bathe bazoqhubeka nemiklomelo.
“Sifuna ukubeka kucace, sizimisele ngokuzivikela kunoma yiziphi izinyathelo zomthetho ezivela kunoma iyiphi inhlangano. Ngeke sikuvumele ukuthi kuvinjwe impumelelo yomphakathi wethu. Sininxusa ukuba niqhubeke nokuvota nokuseseka ekubungazeni umoya osihlanganisa sonke,” kusho isitatimende sabeRunner Awards.
AmaRunner Awards asungulwe uSyanda Sibiya odume ngoDJ Sndara - naye ongumgijimi - oseqede amaComrades Marathon amathathu.
Abaqokwe eminxeni ehlukene sebemenyezeliwe futhi ukuvota kuyaqhubeka. Amathikithi omcimbi abiza u-R350 ku-www.eventtiming.info.
Emcimbini kuzobe kunandisa uLimit Nala nabanye.
Abanye abagijimi ezinkundleni zokuxhumana bakhombise ukungenami ngesitatimende seKZNA.
Related Topics: