Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UKolisi uncome ukubambisana amaBhokobhoko evikela isicoco

Xolile Mpisane|Published

UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, nendebe yeRugby Championship.

Image: PA

UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, uthe nakuba iqembu lingakafiki ezingeni elifuna ukuba kulona kodwa kumjabulisile ukulibona linqoba iRugby Championship yanonyaka.

Iqembu lakuleli livikele le sicoco ngokushaya i-Argentina ngo 29-27 eTwickenham Stadium eLondon, e-England, ngoMgqibelo ntambama.

Yize amaBhokobhoko ebelokhu elandela ngemuva esiwombeni sokuqala kodwa abuyile kwesesibili awubamba umdlalo, ngaphambi kokuvumela i-Argentina ukuthi inciphise igebe ngasekupheleni komdlalo.

"Umyalezo obuvela kubaqeqeshi ubulula. Sonke sibonile ukuthi kufanele sibambisane bese sinciphisa amaphutha. Ukuziphatha kahle enkundleni kubalulekile kodwa kufanele siyincome i-Argentina ngokusiphoqa ukuthi senze amaphutha.

“Okungenze ngaziqhenya kakhulu ngokuba yingxenye yaleli qembu yindlela abaqeqeshi abathumela ngayo imiyalezo bese siyavumelana sonke ngokushesha, akukho ukuphikisana. Ngaqala ukugqoka leli jezi bengekho abantu ababefisa ukusibuka sidlala, kunzima ukunqoba imidlalo. Manje sesiyakwazi ukunqoba ngisho kunzima.

“Ngiyaziqhenya ngeqembu kanye nethimba labaqeqeshi ngoba bahlale beqhamuka nezindlela ezintsha. Senginesikhathi eside ngikuleli qembu kodwa ziningi izinto ezintsha engisazifunda.

“IRugby Championship yanonyaka ibimangalisa ngoba ibinganqotshwa yinoma yiliphi izwe. Lokhu kukhombisa ukuthi wonke amaqembu ayathuthuka. Sibonga ukuthi ekugcineni sikwazile ukuyithatha indebe.”

Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, naye uthe uyaziqhenya ngeqembu ngokuvikela isicoco yize libhekene nezinselelo okubalwa kuzona ukulimala kwabadlali nokwenziwa kwezinguquko eqenjini.

"Ngicabanga ukuthi imiphumela ibizoba ngcono futhi iqembu belizohlangana kahle ukube besisebenzisa iqembu elilodwa kulo mqhudelwano. Nokho, sithathe isinqumo sokusebenzisa abadlali abehlukene futhi sithemba ukuthi lokho kuzosisebenzela esikhathini esizayo," kusho u-Erasmus.

"Siyathanda ukugxila kulokho okumele sikwenze manje, singahlali sicabanga kude ngeNdebe yoMhlaba. Iqiniso lithi kunenqwaba yabadlali ebesifisa ukubasebenzisa kodwa balimala, nabanye abangalitholanga ithuba ebesifisa ukubanika lona. Sisazoqhubeka nokuzama izinto ezihlukile emidlalweni ezayo.”

AmaBhokobhoko azogoqa unyaka ngokubhekana neJapan ngoNovemba 1, iFrance ngoNovemba 8, i-Italy ngoNovemba 15 kanye ne-Ireland ngoNovemba 22.