Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

OwamaProteas ukhuza eyamatata kweyoMhlaba

Xolile Mpisane|Published

UKAPUTENI wamaProteas esifazane, uLaura Wolvaardt nozakwabo uTazmin Brits.

Image: X / PROTEAS WOMEN

UBONA kungafanele iqembu lakhe litatazele emidlalweni ezayo yeNdebe yoMhlaba yama-One Day International (ODI) yize liwuvule ngebatha lo mqhudelwano, ukaputeni weqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane, uLaura Wolvaardt.

AmaProteas aqunjwe phansi yi-England ngamawikhethi ayishumi kowokuvula wamaqoqo obuseGuwahati, e-India, ngoLwesihlanu.

Kulo mdlalo iqembu lakuleli libhethe kuqala, lashaya into ephansi likhishwa lonke lisahlanganise ama-run angu-69 kuphela kuma-over angu-20.4.

I-England ibe isiwunqoba kalula umdlalo ishaya ma-run angu-73 kungaphumanga noyedwa umdlali kwi-over ka-15.

UWolvaardt uthe nakuba kungekho okubahambele kahle kulo mdlalo, lokho akusho ukuthi ngeke besakwazi ukubuya.

"I-England ishwibe kahle kakhulu. Sibe nosuku olubi lapho bonke abadlali bethu ababhethayo behlulekile ukudlala kahle. Bekungeyona indlela ekahle yokuqala umqhudelwano kodwa ezinyangeni ezingu-18 ezedlule, sikhombisile ukuthi siyakwazi ukubhetha. Nginesiqiniseko sokuthi sizodlala kangcono emidlalweni ezayo," kusho uWolvaardt.

"Amalungiselelo ethu ahambe kahle. Bekungolunye nje lwalezo zinsuku lapho bonke abadlali bethu bephume ngokushesha. Akukhona ukuthi isimo senkundla besinzima kangako. Kumele siwudlulise lo mdlalo sibheke phambili ngoba uma sizongena kolandelayo sisacabanga ngawo sizozandisela izinkinga.”

AmaProteas asezodlala owesibili wamaqoqo neNew Zealand ozoqala ngo-11.30 namuhla ekuseni eHolkar Cricket Stadium, edolobheni lase-India i-Indore.

INew Zealand nayo izobe ibheke ukuvuka kulandela ukuthelwa othulini yi-Australia ngama-run angu-89 kowayo wokuvula ngoLwesithathu.

"Lo mqhudelwano ubaluleke kakhulu kithina. Ithuba esinalo lokuthi sifinyelele kowandulela owamanqamu, noma owamanqamu, noma sigcine siwunqobile umqhudelwano lisho lukhulu kithina kanye nawo wonke amantombazane asekhaya asibukele sidlala kuleli zinga," uqhube kanje uWolvaardt.

“Kusobala ukuthi akuyona indlela ebesifuna ukuqala ngayo kodwa sisengalikhuphula izinga. Akufanele sithuke kodwa sidinga ukubambelela ezinhlelweni zethu emidlalweni elandelayo.

“Okusisizayo ukwazi ukuthi siseneminye imidlalo eyisithupha futhi sisenesikhathi sokulungisa amaphutha ethu. Akumnandi neze ukuhlulwa ngale ndlela emdlalweni wokuqala kodwa siyazi ukuthi singaba ngcono kakhulu emdlalweni olandelayo neNew Zealand."